Celani Sikhakhane
Ukuminyana nolayini abade kuphoqe izikhungo zamaposi aseNingizimu Afrika ukuthi zihoxise ukukhokhwa kwesibonelelo sikahulumeni esisiza abantu abangasebenzi sika-R350.
Amaposi athi lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokubona ukuthi balahlekelwa amakhasimende abo ngenxa yokugcwala kwabantu abahlomula yakwaSassa.
Okhulumela amaposi aseNingizimu Afrika uNobuhle Njapha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuminyana kwabantu abahlomula kwimali yakwaSassa kwenza umsebenzi wabo wansuku zonke uguqe ngamadolo futhi amakhasimende abo awasalutholi usizo njenge njwayelo.
“Sinqume ukuthi ngeke siqhubeke nokukhokhela abahlomula u-R350 ngenxa yezikhalo esizithola kumakhasimende ethu nsuku zonke. Abasebenzi bethu kudingeke ukuthi banake kakhulu abantu ba-R350 kanti ukugcwala nolayini abade kumise ukusebenza kwethu okuningi,” Kusho uNjapha.
Uthe baluleke abathola isibonelelo sikahulumeni u-R350 ukuthi baye kuma-ATM nasezitolo ezinkulu ukuze bathole izibonelelo zabo.
Esitatimendeni sangoLwesibili, abakwa-Sassa beluleke amakhasimende ukuthi angayi emagatsheni amaposi ngoba angeke basayithola imali yabo khona.
“I-Sassa iyaxolisa ngokuqinisekisa ukuthi kusukela ngomhlaka-11 kuNhlaba izindawo ezivamise ukuthola izibonelelo zikahulumeni ngeke zisetshenziswe.
Lokhu kungaphezu kwamandla ethi kwa-Sassa,” kusho isitatimende.
Abakwa-Sassa beluleke abantu abafuna imininingwane eyengeziwe ngezibonelelo zika-R350 ukuthi bavakashele isizindalwazi sabo ku-www..sassa.gov.za