Doreen Mokgolo
Esontweni eledlule, amadoda amathathu abezenza abagibeli etekisini lakhe agwaze uMzwakhe Msimango abe esehamba naye ngetekisi.
Itekisi lakhe litholwe ngemuva kosuku, lishiywe ehostela laKwa-Thema, kodwa akakaze abonakale kusukela lapho.
UMzwakhe ungomunye wabashayeli bamatekisi abayishumi basendaweni yaKwa-Thema, e-Tsakani naseDuduza, e-Ekurhuleni abahlaselwe, badunwa futhi baphangwa emasontweni amane edlule ngabantu abazenza abagibeli.
Udadewabo kaMzwakhe, uNtombi Msingo, uthe sebeseshe izibhedlela nasemakhazeni akule ndawo ngaphandle kwempumelelo.
“Sinovalo lokuthi kungenzeka ukuthi ubekwe endaweni ethize futhi ushonile ngoba ufakazi obesetekisini ngesikhathi sesigameko utshele umndeni ukuthi wagwazwa amahlandla amaningi emzimbeni wakhe ongenhla,” esho.
Ufakazi, obekhuluma ne-Scrolla.Africa ngombandela wokuthi angadalulwa ukuze aphephe, uthe umsolwa wokuqala ugxumele esihlalweni sabagibeli esingaphambili kwathi omunye ngemuva komshayeli nomunye eceleni kwakhe.
“Ngemuva kwemizuzu embalwa lo obesemuva komshayeli ukhiphe ummese wafuna imali kumshayeli. Ube esegwaza umshayeli amahlandla amaningi esifubeni,” kuchaza ufakazi.
Ufakazi uthe unxuse abasolwa ukuthi bangambulali, kodwa bamthuka ngenhlamba.
“Ngabona ukuthi babethukuthele ngabe sengithatha isinqumo sokuthi ngiphume etekisini elihambayo ngisabela impilo yami,” esho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uSayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi babhalise amacala ayi-10 osomatekisi abahlaselwe futhi badunwa emasontweni amane edlule.
Amanye amatekisi aduniwe atholwe eMpumalanga.
“Ngempelasonto sithole amatekisi amabili e-Tsakani ngosizo lophiko lokulandela umkhondo wenye yezimoto sabopha abasolwa abathathu,” kusho uManaka.
Bacela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi uMzwakhe olahlekile ukuba aziveze.