
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
Izingxoxo mayelana namadlelandawonye azobumba uhulumeni wakusasa ziveze ukungezwani okujulile ku-ANC ngaphambi komhlangano wakuleli sonto wekomiti eliphezulu kuzwelonke (NEC).
NgoLwesibili, ikomiti elisebenza kuzwelonke leqembu lihlangane eLuthuli House noMengameli weqembu uCyril Ramaphosa kanye nesekela lakhe uPaul Mashatile.
I-ANC yehlulekile ukuthola iningi elicacile okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba, yathola kuphela u-40.1% wamavoti kuzwelonke.
Ngokokuqala ngqa eminyakeni engu-30, iqembu elibusayo lidinga kakhulu amadlelandawonye ukuze lidlule u-50% kanye nokukodwa ukuze ikwazi ukwakha uHulumeni ngale kokufuna usizo lwezimbangi zayo.
Ithimba lamalungu ayisishiyagalolunye ekomiti lesigungu esiphezulu lixoxisana namaqembu ezombusazwe futhi lethula izibonelo ezintathu zamadlelandawonye, okuzoxoxwa ngakho emhlanganweni wesigungu esiphezulu ozayo.
I-ANC ibheka lokhu okulandelayo:
Uhulumeni wobumbano kuzwelonke – Uhulumeni wobumbano obanzi ohlanganisa zonke izinhlangothi ePhalamende, ohlanganiswe ndawonye ukuze kuzuze isizwe. Lona kwakunguhulumeni kaMengameli uNelson Mandela ngo-1994, owawuhlanganisa ababusi bobandlululo, i-National Party kanye ne-IFP kaMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Umfelandawonye omkhulu – Umfelandawonye wamaqembu amakhulu amabili ePhalamende, i-DA ne-ANC. Iningi lamalungu e-ANC NEC, i-Cosatu kanye ne-SACP kulindeleke ukuthi bawuchithe lo mbono.
Uhulumeni oyidlanzana – Umfelandawonye we-ANC onamaqembu amathathu noma amane amancane njenge-MK, i-EFF, i-PA kanye ne-IFP.
Kodwa nangaphambi kokuba kuxoxwe ngalokhu, amalungu eqembu kanye namadlelandawonye i-Cosatu, i-SACP kanye ne-Sanco bafuna kuhoxiswe noma yikuphi ukucutshungulwa komfelandawonye ne-DA.
Abaholi bebandla le-ANC eliholwa nguMengameli uCyril Ramaphosa bacubungula umfelandawonye ozinzile futhi olungele ukuhwebelana ne-DA.
USihlalo we-ANC uGwede Mantashe novamise ukuba ngumvikeli othembekile kaRamaphosa, uphikisana kakhulu nokuthi kube nomfelandawonye ne-DA.

UNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula uthe angeke zamukelwe izimfuno zokuthi i-ANC ikhiphe uRamaphosa.
“I-ANC izoba nezingxoxo ngaphakathi kwenhlangano namanye amaqembu nezinhlaka ezithintekayo mayelana nendlela engcono yokusungula uhulumeni kazwelonke nowezifundazwe okhombisa intando yabantu futhi okwazi ukuyisa izwe phambili,” kusho uMbalula.
“Uma uza kithi ufuna uRamaphosa ehle esikhundleni njengoMengameli, ngeke kwenzeke lokho.
Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa kanye nesigubhu esiphezulu (NEC) ezingxoxweni zomfelandawonye.
Umthombo wesithombe: X