
Njengamanje uManqoba Mngqithi ungomunye wabaqeqeshi abenze kahle kakhulu eNingizimu Afrika kodwa umsebenzi awenzayo akusiwo lo ayewuthanda.
UMngqithi uthi wayethanda ukuba ummeli.
I-Scrolla.Africa ihlangane nomqeqeshi we-Mamelodi Sundowns emcimbini wabafundi wokuthweswa iziqu obuseMgungundlovu.
Lo wesilisa oneminyaka engu-50 ubeyisimenywa esikhulu ngesikhathi ekhuluma nabafundi abathweswe iziqu ngokubaluleka kokusebenza kanzima, ubuholi, ukuzinikela kanye nokungasabi lutho.
“Ngesikhathi ngisuka ekhaya eMzimkhulu ngiyofunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngangifuna ukwenza izifundo zokuba ummeli ngoba ngifuna ukufuza abafowethu.
“Kodwa-ke ukunaka ibhola kwangiphazamisa ngazibona sengiqala ngebhola ezikoleni ngaya esigabeni sesibili kusukela ebholeni lakuleli nelamazwe ngamazwe,” kusho uMngqithi osenqobe izindebe zokuqeqesha cishe ezingaphezu kweziyishumi ne-Sundowns.
Ngesikhathi eqeqesha i-Moja United edlala esigabeni sesibili ubenguthisha eMgungundlovu.
Kule sizini uMngqithi neqembu lakhe basethubeni lokunqoba okungakaze kubonwe.
Abadlali be-Sundowns sebenqobe isicoco se-MTN8 futhi basondele kuma-quarter-final e-CAF Champions League ne-Nedbank Cup kanti bangase bathole isicoco seligi maduze.
UMngqithi ukhonjwe indlela kwi-Sundowns ngumqeqeshi uPitso Mosimane ngonyaka ka-2013. Ubengasebenzi ngemuva kokuxoshwa kwi-Lamontville Golden Arrows.
Iqembi laseThekwini lapho uMngqithi ethole khona indebe yakhe yokuqala kwenzeka ngemuva kokuhola Abafana Bes’Thende kwi-MTN8 bahlula i-Ajax Cape Town ngo-2009.