Menzi Magubane
Ngabe iphrojekthi ye-Cricket South Africa ye-Social Justice and Nation-Building (i-SJN) iqhamuke nesisombululo sokulwa nokucwasa ngokwebala nokungalingani eqenjini? Cha ayikaze.
Iqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi laseNingizimu Afrika lisayindida.
Ukwesula isigubhukane kwePhini lomqeqeshi u-Enock Nkwe ngoMsombuluko kuphakamisa eminye imibuzo. Kwenzakalani ngempela lapho? UNkwe ushiye isikhundla sakhe, ebalula ukuthi indawo yokusebenza phakathi kwabaphathi beqembu isiphenduke indawo engcolisiwe angasakwazi ukusebenza kuyo.
“Uzizwa sengathi imibono yakhe njengePhini lomqeqeshi ayibalulekile futhi ayithathelwa phezulu,” kusho umthombo we-TimesLive.
“Uzizwa sengathi wehliselwe ekubeni ‘ngumfana osizayo’. Akazizwa eyingxenye yeqembu”.
Lo mthombo uphinde wengeza ngokuthi kusolwa ukuthi iqembu lama-Proteas ligcwele uqhekeko nokuhilizisana. Abaphathi, abadlali nabaqeqeshi bayesaba ukukhuluma ngoba besaba ukuhlukunyezwa.
Lokhu kubucayi, ikakhulukazi njengoba ukulalelwa kwamacala e-SJN kusaqhubeka. Umphenyi we-SJN u-Advocate Dumisa Ntsebeza kumele abheke ukwesula kukaNkwe, futhi mhlawumbe kumele ambizele kulezi zingxoxo ngaphambi kwesiphetho sabo.
Ukusula kukaNkwe kwenzeke ngemuva kosuku umqeqeshi oyinhloko wama-Proteas, uMark Boucher ephendule ezinsolweni zokucwasa ngokobuhlanga abekwe zona ngenyanga edlule yilowo owayeyi-spinner uPaul Adams. UBoucher ubhale izincwadi ezimbili ezifungelwe kanti kweyodwa uxolise nganoma yiliphi icala noma ukulimala okungenzeka ukuthi wakwenza ngesikhathi sezinsuku zakhe zokudlala.
Kokunye, lowo owayeyi-wicket-keeper kuzwelonke uzichithile izinsolo ezenziwe u-Adams ngaye.
Ebufakazini bakhe, u-Adams udalule uBoucher njengomunye wabadlali ababembiza ngamagama adelelayo eqenjini ngesikhathi sezinsuku zabo zokudlala.
Uthi uBoucher nabanye abadlali basebenzise ibinzana lamagama athi-“Brown Sh * t” ayebhekiswe kuye. UBoucher uyaliphika leli cala.
Yebo, ngiyazi u-Advocate Ntsebeza uthe ukulalelwa kwamacala akukhona ukuphenywa kobugebengu, kodwa njengoba uBoucher exolisa nje ngabe kusho ukuthi konke kuhamba kahle?
Impela kumele kube khona umphumela othile kuye nakwabanye okuthiwa bahluphe abadlali abamnyama kuma-Proteas.
Umthombo wesithombe: @SuperSport