Ngakhala ngaze ngalala – Chidimma Adetshina

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UChidimma Adetshina, ophoqeleke ahoxe emncintiswaneni kaMiss South Africa ngemumva kokuqubuka kwemibuzo ngobuzwe bakhe, ukhulume ngobunzima abhekane nabo esephume kulo mqhudelwano.

Engxoxweni abe nayo nesiteshi somsakazo sase-Nigeria i-Cool FM, uChidimma ukhulume ngokuthi udaba lobuzwe bakhe lumthinte kanjani.

Ukhulume ngezinselelo abhekane nazo, okuhlanganisa nobuxhwanguxhwangu ku-inthanethi nanokuthi ubengakufanelekeli ukungenela lo mncintiswano.

“Kube wuhambo olude futhi olunzima. Kube nezikhathi lapho bengikhala khona ngize ngilale futhi ngizibuze, ‘Kungani kwenzeka kimi? Ngifuna kuphele lokhu,” kusho yena.

Ukuhoxa kwakhe kulandela izinyathelo zomthetho zePatriotic Alliance, eholwa nguNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, ebifuna ukumvimba ukuba abambe iqhaza.

UMnyango wezaseKhaya umemezele uphenyo mayelana nokuba yisakhamuzi, kwatholakala umkhonyovu ongase umataniswe nonina osolwa ngokweba umazisi womunye uma.

Ngemuva kokuhoxa kubikwa ukuthi uChidimma uzame ukuzibulala, izindaba zesigameko zasabalala ezinkundleni zokuxhumana.

Le ntokazi eneminyaka engu-23 ubudala imenywe abahleli bomncintiswano kaMiss Universe wase-Nigeria ukuthi imele izwe labo kulandela ukuhoxa kuMiss South Africa.

Ngesonto eledlule, uChidimma uhambe phambili emqhudelwaneni kaMiss Universe wase-Nigeria, wafinyelela kumavoti angu-12 014. Ukuvota kuvalwa ngomhlaka-30 kuNcwaba.

Osesithombeni esingenhla: UChidimma Adetshina.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva