Ngake ngaba sezicathulweni zikaZahara — Toya Delazy

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Njengoba iqhubeka nokungena imiyalezo yenduduzo emndenini womculi osanda kudlula emhlabeni uZahara, uzakwabo uToya Delazy ungene ezinkundleni zokuxhumana wadalula ukuthi naye wake wasayina isivumelwano somculo esifanayo.

Lo mculi osewole izindondo eziningi uthe walubona uhlobo lwenkontileka yomculo uZahara asayina wabona ukuthi ifana naleyo ayisayina ngesikhathi ejoyina i-Sony.

Isihlabani somculi “kaLoliwe” sishone ngoMsombuluko ebusuku esibhedlela ngemuva kokugula isikhashana. 

Udlule emhlabeni eneminyaka engu-36 ubudala.

Ngo-2016 uToya wamemezela ukuthi uyashiya kwa-Sony ukuze azimele futhi wayesenqume ukuthuthela e-UK.

“Ukuphila ngaphansi kwemboni yomculo waseNingizimu Afrika bekungenye yezindlela zokufunda empilweni yami,” kusho yena.

“Ngasuka ekulweni nokucindezeleka nasekusebenziseni utshwala ngokweqile, ekugcineni ngathola ukuphulukiswa okujulile yize ngangilwa nokungamukelwa.”

Uthe akazisoli ngokudlula kulolu hambo: “Konke okwenzekile kungifundise lukhulu futhi ngizizwa nginenhlanhla ngokuthi ngathuthela kwenye ingxenye yomhlaba ebungaza neyeseka ithalente lami.”

Umculi we-“Pump It On” usanda kuqokwa njenge-Newcomer of the Year UK kuma-Production Music Awards.

“Thina maciko azimele sidinga uxhaso lwenu. Ukuzimela akusho ukuthi silahlekelwe ithalente lethu. Kwesinye isikhathi kufanele sizishiye izinkontileka ezingasimamisi umculo nempilo yethu.

“Ngeshwa uma usuzimele, imboni izokufulathela ngoba ingafuni ukulahlekelwa uxhaso oluvela kumalebuli amakhulu ngokukweseka — lapho nabalandeli bacabanga ukuthi awunalo ikhono ngoba umculo wokho awusadlalwa ezindaweni ezivamile.

“Akulula ngaso sonke isikhathi ukuthola indawo yakho. Iningi labaculi abebesesikhundleni sami bashonile,” kusho uToya.

Uzizwa enenhlanhla enkulu ngokuphila, usaqhuba ngokuzimela esebenzisa i-Delazy Entertainment ne-Afrorave Ltd.

Futhi usenqume ukubhala incwadi esihloko sithi-What Happened to Toya Delazy? lapho ezobe echaza khona ngohambo lwakhe lomculo.

Esithombeni esingenhla: UToya Delazy kuma-Production Music Awards.

 Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva