Ngacishe ngabuyiselwa ekhaya sengihamba ngebhokisi: kusho unompempe owayengamele umdlalo we-Tunisia ne-Malawi

Dylan Bettencourt

Abaningi bahleka ngesikhathi unompempe uJanny Sikazwe eshaya impempe yokugcina ezikhathini ezimbili ezihlukene ngesikhathi kubhekane i-Malawi ne-Tunisia kweye-Afcon.

Unompempe wase-Zambia uthe wacishe washona kulowo mdlalo owawudlalwa ngomhlaka-12 kuMasingana. 

Ezinkundleni zokuxhumana kube nosuku lokululaza hhayi unompempe wase-Zambia kuphela kodwa nesimo se-Afcon ngemuva kwesigameko lapho umdlalo uphele ngaphambi kwesikhathi kabili kwazanywa ukuthi uqale umdlalo ngemuva kwemizuzu engu-30.

I-Mali inqobe lo mdlalo ngo 1-0 ngemuva kokuthi i-Tunisia ihlulekile ukuphuma egunjini labo lokushintshela kodwa kwaba ngunompempe uSikazwe odle umhlanganiso.

Samsung Galaxy 14G

Ngakusasa imibiko iveze ukuthi ushiswe kakhulu yilanga  nokuyinto isikhulu esiyiqinisekisile.

“Ilanga belishisa kakhulu ngalelo langa. Umswakama wawungaba ngu-85%. Ngemuva kokuthi ngizilungiselele ukungena enkundleni ngazizwa emzimbeni ngingazizwa kahle.

“Ngathatha amanzi ukuze ngiphole kodwa kwaba sengathi angithathanga lutho. Kodwa njengabaphathi bomdlalo singamasosha futhi sikulungele ukuqhubeka,” usho kanje engxoxweni abe nayo nezintatheli eziningi zase-Zambia.

USikazwe wengeze ngokuthi ngesikhathi kuyiwa ekhefini, wayengazizwa kahle wazama ukukhululeka ngokubeka imilenze yakhe phezulu ngaphambi kokuthi baphume ngesiwombe sesibili. Unompempe uthe wezwa sengathi ayikho into asayiphumule.

“Bengisondele kakhulu ekubuyeni e-Zambia Ngihamba ngebhokisi. Abantu bonke baphawule okungekuhle ngami nangendlela engiwuphathe ngayo umdlalo. Bavumele baphawule noma ngabe yini.

Vele bekuwumdlalo nje,” kusho lo nompempe oneminyaka engu-42.

Unompempe uthe akanalo ulwazi lokuthi ngubani owamtshela ukuthi umdlalo awuqede kabili.

“Kwakungamandla aphezulu angivikela ekubhekaneni nemiphumela emibi ngokuhlala ngaphandle ngesikhathi ngingazizwa kahle,” kusho lo nompempe.

“Ngiyawuthanda lo msebenzi futhi ngisazoqhubeka. Abanye abantu bathi lesi isikhathi sokuthatha umhlalaphansi. Ngeke ngithathe umhlalaphansi ngize ngithole umuntu ozongivala e-Zambia,” kusho uSikazwe.

Umthombo wesithombe: @The42

Scrolla World Cup Quiz