Lungani Zungu
Ngasekuqaleni kwale nyanga owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma udluliselwe esibhedlela samasosha – lapho ahlinzwe khona ngemuva kokuthi abambezele ukuhlinzwa izinyanga eziyi-18. Usathola ukwelashwa esibhedlela samasosha.
UZuma waboshwa mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi ngemuva kokugwetshwa izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele ngokudelela umyalelo wenkantolo. Kodwa uzokwazi ukuthola ushwele phakathi noMfumfu, lapho uzobe esedonse ikota yesigwebo sakhe.
Ngokubukeka kwezinto, kungenzeka achithe isikhathi esiningi esibhedlela samasosha. Akaphethwe njengesiboshwa lapho kodwa uphethwe njengesiguli, ngokusho kukammeli wakhe u-Advocate Dali Mpofu. Kulindeleke ukuthi ahlinzwe amahlandla ambalwa.
Uma ngabe kuwukuthi lokhu kuyinto ezodlula, uZuma angahle aqonde eNkandla ngemuva kokuphuma esibhedlela samasosha.
Kusazobonakala ukuthi ngabe lolu uhlelo lwakhe olukhulu lokweqa yini.
Abezokuhlunyeleliswa kwezimilo bathembise ukuthi bazomphatha njengazo zonke iziboshwa uZuma. Kodwa kusanemibuzo yokuthi ngabe wake wachitha yini isikhathi esitokisini esifanele sasejele selokhu aboshwa.
Ngenkathi uZuma eboshwa mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi, wabekwa egumbini lokuhlunyeleliswa kwezimilo, lapho ayeyedwa khona amasonto amabili kwaze kwaba ngomhla zingama-20 kuNtulikazi.
Ngemuva nje kwezinsuku ezimbili ekhishwe lapho ayehleli yedwa khona ngomhla zingama-23 kuNtulikazi, wakhululwa ukuba ayongcwaba umfowabo uMichael.
Ngesikhathi ebuya, wanikwa esinye isikhathi sokuhlaliswa yedwa amasonto amabili kwaze kwaba ngomhla ziyisithupha kuNcwaba – yilo lolo suku angeniswe ngalo esikhungweni samasosha.
Abammeli bakaZuma balahlekelwe ngumnqamulajuqu womhla zingama-20 kuNcwaba ukusho ukuthi uzokulungela yini ukubhekana necala lezigidi zamarandi lokuthengwa kwezikhali eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Banikezwe elinye isonto ukuthi baveze umbiko kadokotela.
Esenzweni ezishaqisayo ngoLwesibili, uZuma ucele abalandeli bakhe ukuba banikele ngemali ukuze akwazi ukukhokhela izikweletu zakhe zomthetho ezikhulayo. UMzwanele Manyi, okhulumela i-JG Foundation, ukuqinisekisile ukuthi lowo owayenguMengameli ucele umnikelo kubantu baseNingizimu Afrika.
Izimpi zikaZuma zomthetho njengamanje zibandakanya:
● Isicelo sikashwele eNkantolo yoMthethosisekelo lapho alwa khona nokukhululwa ejele.
● UZuma ulwela nokuthi kususwe ummeli we-National Prosecuting Authority u-Advocate Billy Downer SC ukuthi angakuholi ukushushiswa kwakhe ecaleni lokuthengwa kwezikhali.
● UZuma ubhekene namacala ayi-18 enkohlakalo, ukukhwabanisa imali okususelwa kwisivumelano sokuthengwa kwezikhali.
Usabhekene nesikweletu semali eyizigidi eziyi-R18.2 ngemuva kokuthi kukhishwe isinqumo sokuthi uMbuso wawungaphoqelekile ukumxhasa ngezimali zokuqulwa kwecala lakhe lenkohlakalo.