Ngabe ungubani umrepha ogqoka isifihlabuso? 

Umrepha wase-UK ogama lakhe linguDIDE usedonse amehlo abantu ku-inthanethi njengoba besola ukuthi ungumdlali we-Premier League.

Umculi onamakhono amaningi uzifihla nge-balaclava kwividiyo yakhe yomculo wengoma ethi “Thrill”, kodwa akekho owazi ukuthi ungubani ngempela.

Inkundla yezokuxhumana iyaphithizela njengoba abaseshi abayizimfundamakhwela bezama ukuthola ukuthi ungubani umrepha ngemuva kwe-balaclava. 

Abadlali abanjengoWilfried Zaha, uNoni Madueke kanye noReiss Nelson kuxoxwe ngabo njengabangase kube ibona, kodwa kunegama elilodwa elihlala lishiwo okuyigama lo mgadli we-Arsenal u-Eddie Nketiah.

Ku-Instagram, lo mdlali uthe “ungumprepha uma esekhaya kanti ungumdlali webhola uma esenkundleni.”

Unabalandeli abangaphezu kuka-21,000.

UDIDE ugqoke i-balaclava, kodwa abaseshi ezinkundleni zokuxhumana babone ukuthi isizinda sevidiyo yakhe entsha yomculo yenziwe edolobheni lase-London.

Ukwengeza kulokhu kudalulwa uDIDE ukhiphe ingoma enesihloko esithi “Thrill” ngesonto eledlule ebikhuluma ngempilo yomdlali webhola, kanti amanye amazwi engoma ashiye umkhondo wokuthi ungubani.

Oyedwa ku-Twitter uze wachaza ukuthi kungani ethi uDIDE ungu-Eddie Nketiah.

“Uma ungakayiboni le vidiyo yomdlali ongaziwa we-Premier League usanda kukhipha ingoma entsha. Nokho akaziwa kwabaningi bethu, kodwa ungu-Eddie Nketiah.”

Ube esebheka amagama afana nalawa njengokuthi “iqembu lami lihlale liwina” kanye nokuthi “bazolibeka ephepheni igama elithi-Gunner liyisiteketiso se-Arsenal okuyilapho ebheke igoli elifana nelikaNketiah alishaye ngoMasingana.

Uphinde waqaphelisa abantu indlela uDIDE enza ngayo iyafana nendlela uNketiah enza ngayo uma ejabulela igoli. 

Abanye abantu abaningi ku-Twitter bakholelwa ukuthi uDIDE cishe uyi-anagram ka-Eddie.

Ukuvezwa kobuso obuphelele kungenzeka uma i-Arsenal iphakamisa indebe ye-Premier League ekupheleni kwesizini.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: UDIDE

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva