UManie uzobhekana nobunzima bempilo yakhe
Lo mdlali owashiya ama-Bulls waya kuma-Sharks ngo-2020 owayaziwa njengomdlali ongazethembi futhi owayethwala kanzima ukuthola amaphuzu akasekho, kubhala uLucky Maree.
E-Western Province, uManie Libbok usevike zonke izinto ahlangabezana nazo. Ukusebenzisana noJohn Dobson kumenze wanqoba zonke izithiyo emdlalweni webhola lombhoxo ezifika endleleni yakhe.
Ibhola lombhoxo lifuna ukusebenzisana kweqembu. Noma ngabe udlala kahle kangakanani, umdlali eyedwa akakwazi ukuwina umdlalo kodwa udinga iqembu lakhe ukunqoba.
Leyo inkinga ezobe isekhanda likaManie Libbok kuze kube uMgqibelo njengoba ama-Stormers ezobhekana ne-Munster kowamanqamu we-United Rugby Championship.
Okunzima kul omdlalo, kuzoba nabadlali be-Munster abangu-15 enkundleni bonke bezibophezele ekwenzeni impilo ibe nzima kuye.
Uma wonke umuntu wakuleli azi ukubaluleka kokuthi uLibbok kumele awunqobe lo mdlalo, i-Ireland yonke iyazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukumuvimba. I-Munster izofika isizilungiselele isiyazi yonke iminyakazo yakhe ngenxa yomdlalo ne-Connacht ngoMgqibelo odlule futhi bazobe benze izinhlelo ngokufanele. Ngeke bamvumele uLibboki enze njengoba ethanda.
Umdlalo wama-Stormers uzoba mayelana nokunikeza uLibbok isikhala. Ngenhlanhla lo mdlali oyi-flyhalf kuzomele azimisele njengoDeon Fourie, uHacjivah Dayimani no-Evan Roos ukuzakhela isikhala kubadlali abazomvalela kuyo yonke indawo.
Phakathi nesonto, iKapa kanye nelakuleli lonke limnike isikhundla sokuba umpetha.
Uma abalandeli kufanele bakholwe ukuthi uLibbok wayeyedwa enkundleni njengoRambo esusa isitha, ushaye iqembu le-Connacht langakholwa.
UJim Clark, omunye wompetha be-Formula One World uthe: “Kubalulekile ukushalazela okushiwo amaphephandaba ngawe.”
Futhi wayekhuluma ngonyaka ka-1965 mayelana nengcindezi yabezindaba edalwa ekunconyweni kwamaqhawe. Futhi uma kuqhathaniswa nanamuhla, ngalezo zinsuku yayingekho incindezi yabezindaba.
Ukunconywa kukabili. Kunganikeza umdlali ukuzethemba noma kungaba umthombo wokuzingabaza okukhulu kanti nengcindezi inkulu kakhulu.
“Ngingakwazi ukuphinda indlela engidlala ngayo?” umbuzo okufanele izihlabani zezemidlalo ziwuphendule. Abanye, njengoTiger Woods bakwenza ngempumelelo.
Kodwa ngisho nabangabazayo kumele bavume ukuthi uLibbok wenze lokho obekulindeleke kuye futhi wenza nokwengeziwe.
Uma ama-Stormers ezonqoba i-United Rugby Championship kulo Mgqibelo, kuzofanele aphinde azimisele futhi.
Isithombe esingenhla: UManie Libbok
Umthombo wesithombe: I-Twitter