Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Ngabe ukuxosha uGraham Potter kuzoba isixazululo kuzo zonke izinkinga ze-Chelsea? Mhlawumbe cha ngabe kufanele bamxoshe vele?
I-Chelsea ihlulwe ekhaya ibhekene ne-Southampton ehlezi endaweni ka-20 okugqamise izinkinga zeqembu lase-London ezibhekene nazo.
Lokhu kusho ukuthi ngemuva kwemidlalo engu-23 ku-Premier League, i-Chelsea isihlulwe emidlalweni eminingi kunale esiyinqobile okuyimidlalo eyisishigagalombili.
Abalandeli be-Chelsea bafuna ukuthi umphathi uPotter axoshwe, kodwa ngabe lokho kuzoxazulula izinkinga zeqembu?
Sekuyisikhathi eside i-Chelsea izakhela udumo ngokuqasha nokuxosha abaphathi njalo okuyinto ebingaphumeleli ngaso sonke isikhathi.
Uma ubheka isu le-Arsenal, ukunamathela kumphathi uMikel Arteta sekwenzele ama-Gunners izimanga. U-Arteta ubesonqenqemeni lokuxoshwa kaningi, kodwa iqembu lanamathela futhi isinqumo abasenza sikhombisa imiphumela emihle kakhulu.
Nokho, i-Chelsea ne-Arsenal amaqembu amabili ahluke kakhulu. Ingabe i-Chelsea izokwazi ukwenza okufanayo?
Ibhodi kubikwe ukuthi lizimisele ukunamathela kuPotter isikhathi eside futhi limnike isikhathi sokudlulisa umyalezo wakhe kubadlali.
I-Chelsea kulindeleke ukuthi iphumelele isizini ngayinye, okuzosho ukuthi kumele bawine isicoco noma bangene kumaqembu azohlungelwa i-Uefa Champions League, kodwa lokhu akubonakali kuzokwenzeka kule sizini.
I-Arsenal nokho ibingenakho lokho obekulindelwe ngu-Arteta ezinsukwini zakhe zokuqala eqenjini.
UPotter no-Arteta abafani futhi umphathi wase-Spain ubelokhu elambele imiphumela futhi ubenentshisekelo yokufisa ukuguqula iqembu.
UPotter ubonakala entula umfutho wokunqoba odingwa i-Chelsea.
Ukusuka ekuqeqesheni i-Brighton & Hove Albion afinyelele kwi-Chelsea bekungeke kube lula, kodwa lokhu kungasheshe kumubangele izinkinga eziningi.
Kumele bagcine uPotter ephethe ngoba lokho kungase kulethe inzuzo enhle eminyakeni embalwa noma bamxoshe ukuze iqembu lizothuthuka ngokushesha.
Kodwa asikho isiqinisekiso sokuthi ukuxoshwa kukaPotter kuzoxazulula inkinga enkulu ebucayi ebheke umnikazi weqembu uTodd Boehly.
Isithombe esingenhla: UGraham Potter
Umthombo wesithombe: @FabrizioRomano