Umdlali ophambili wamaBhokobhoko uCheslin Kolbe udlale ngokukhulu ukuzimisela emdlalweni onqotshwe yiqembu lase-France i-Toulouse ngempelasonto.
Uthole ama-try amabili njengoba behlula iqembu lase-Ireland i-Ulster ngamaphuzu angama-36 kwayi-8.
Iphephabhuku lebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika libike ukuthi, kwifomu yamanje uKolbe ungumdlali webhola lombhoxo ohamba phambili kunabo bonke emhlabeni.
Kulesi sikhathi esiphazanyiswe yi-Covid-19, uMatt Lewis webhola lombhoxo laseNingizimu Afrika ubhale ukuthi, uKolbe wayenamathuba onke okuqokwa njengomdlali ovelele emkhakheni webhola lombhoxo emhlabeni jikelele.
Iphephandaba laseBrithani i-The Times nalo limbeke phakathi kwabadlali abaphambili emhlabeni.
Abantu bokugcina baseNingizimu Afrika abambona uKolbe, kwakungesikhathi lapho egijima enqenqetha ezungeze umugqa ongemuva wamaNgisi ukuthola i-try yokugcina kumdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba obuse-Japan ngonyaka owedlule.
Ubevutha engabaselwe kula masonto ambalwa edlule, ethola izindondo ezivela kude nakude ngemidlalo yakhe.
Yize emncane impela kumamitha ayi-1,7 ukhombisa ukuthi cishe akanakuvinjwa.
Indoda ethobekile, uKolbe uthe ngemuva komdlalo: “Ukushaya ama-try kuhle kakhulu, kufana nokuqeda into obuyiqalile, kodwa kufanele nginikeze udumo kozakwethu. Ngaphandle kwabo, abadlali abadlalela emaceleni abayilutho.”
UKolbe uvela emndenini wezemidlalo.
Umzala wakhe nguWayde van Niekerk, ongumpetha wamanje kuma-Olympic amamitha angama-400.
Ividiyo: Twitter (@Murray_Kinsella)