Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ngemuva kwezindaba zokuthi i-Paris Saint Germain imise uLionel Messi, sekuvele ukuthi lo mdlali webhola lezinyawo uzolishiya leli qembu lase-France ekupheleni kwesizini.
NgoLwesibili, i-PSG imise ukaputeni we-Argentina amasonto amabili ngokuvakasha okungagunyaziwe e-Saudi Arabia.
Ngosuku olulandelayo, intatheli yebhola uFabrizio Romano ibike ukuthi akungabazeki, uLionel Messi uzohamba e-Paris kulo nyaka.
Ngokusho kwe-CNN, umthombo osondelene ne-PSG uthe lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala uphuthelwe ukuzilolonga ngoMsombuluko njengoba ubehambele imicimbi yokukhangisa phesheya kwezilwandle.
Sekuvele ukuthi lo mdlali onqobe iNdebe yoMhlaba use-Saudi Arabia eholidini nomndeni wakhe.
“Ngijabule ukwamukela uMessi nomndeni wakhe e-Saudi njengoba bezojabulela izindawo zokuvakasha ezimangalisayo kanye nokuthola ulwazi ngalendawo,” kusho u-Ahmed Al Khateeb, uNgqongqoshe Wezokuvakasha e-Saudi Arabia ezinkundleni zokuxhumana.
“Samukela izivakashi ezivela emhlabeni wonke ukuzozizwela uhambo oluyingqayizivele lokuya e-Saudi Arabia kanye nempatho.”
Inkontileka kaMessi ne-PSG iyaphela ekupheleni kukaNhlangulana kanti uhambo lwakhe olungagunyaziwe luwuphawu lokonakala kobudlelwano phakathi kweqembu nomdlali.
“Njengamanje sekuyaqondakala ukuthi ubaba kaLeo uJorge udlulisele isinqumo ku-PSG ngenyanga edlule ngenxa yephrojekthi.
Kunamahlebezi okuthi lo mdlali wase-Argentina angase abuyele eqenjini lakhe lakudala, i-Barcelona kanti eminye imibiko ithi angase ajoyine uCristiano Ronaldo ku-Saudi Pro League ngesizini ezayo.
Isithombe esingenhla: ULionel Messi
Umthombo wesithombe: @PSG_report