Ngabe uBlack Coffee uphuthe izingcingo eziyishumi ezivela kowayeyingoduso yakhe?

UBlack Coffee ukhombisile ukuthi kungani engu-DJ ohamba phambili kulelizwe kanye nezwekazi lonke laseAfrika ngengoma yakhe yakamuva ethi -10 Missed Calls.

Kodwa abantu bayazibuza ,ukuthi ingabe lo-10 Missed Calls ubuvela kumlingisi owayengunkosikazi wakhe uMbali Mlotshwa osanda kuwina icala lasenkantolo elibhekene naye.

Ingoma uqobo lwayo iphakeme, iqukethe owaziwa umhlaba wonke uPharrel Williams kanye noJozzy owahlanganyela ekubhaleni kabusha i-remix ye-‘Old Town Road ‘kaLil Nas X.

Ngaphandle kwesitayela sakhe esijwayelekile se-deep house uBlack Coffee ukhethe umsindo ohlukile wo-Dance Electronic.

Lena yingoma yakhe yesine evela kwi-albhamu yakhe ebhekwe ngabomvu ethi-Subconsciously, ezophuma ngoNhlolanja kowezi-2021.

Kepha abantu abakwazi ukuyeka ukuzibuza ngokungaziwa komuntu siqu.

Ngokwemibiko yamaphephandaba uMbali wahambisa uBlack Coffee enkantolo efuna imali engaphezu kweyizi-R150,000 inyanga nenyanga – ngemuva kwesehlukaniso esimangazayo okwasolwa ukuthi sasibangelwa ‘ukuqonywa’ kwakhe yilowo oyengunkosikazi kaDavid Guetta uCathy,  kanti iBlack Coffee wakuphika lokho esidlangalaleni.

Ngokombiko we-Sunday World uMbali wafuna: 

●    Izigidi ezine zamarandi ukukhokhela izindleko zakhe zomthetho 

●    Imali eyizi-R80,000 yesondlo sezingane zakhe ezimbili 

●    Imali eyizi-R30,000 yempahla nezinye izinto zasendlini 

●    kanye nemali eyizi-R17,800 yezimonyo zakhe zobuhle.

INkantolo eNkulu yaseGoli izichithile zonke izicelo zakhe yabe isiyalela uBlack Coffee ukuthi akhokhe imali eyizi-R15,000 yesondlo somshado kanye nemali eyizi-R50,000 yesondlo sezingane.