Lungani Zungu
UDkt uZweli Mkhize unyuke kancane waba ngungqongqoshe wezeMpilo kwikhabhinethi kaMengameli uCyril Ramaphosa.
Kodwa manje owesilisa owake waba nezifiso zokuba nguMengameli we-ANC uzithola esehlane.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uRamaphosa emnikeze ikhefu eliyisipesheli njengoNgqongqoshe wezeMpilo njengoba kusalindwe umphumela wophenyo olwenziwa yi-Special Investigating Unit (i-SIU) ngodaba lwe-Digital Vibes nemali eyizigidi eziyi-R150.
UMkhize usolwa ngokuthi uhlomule ngenkontileka ebikhishwe umnyango wakhe yenkampanini yezokuxhumana.
Ngabe lokhu kuwukuphela komsebenzi kaMkhize kwezepolitiki?
Omunye ungqongqoshe wekhabhinethi uthe balindele ukuthi uRamaphosa axoshe uMkhize uma sekuphothulwe umbiko we-SIU.
“UMkhize uyazi ukuthi kuphelile ngaye. Futhi kuleminyaka akuyo, angimboni ezimisele ngokulwa.”
Owesilisa oneminyaka engama-65 ulahlekelwe wuxhaso abekade enalo e-KZN, isifundazwe asihola njengoNdunankulu nosihlalo we-ANC.
Abanye babalingani bakhe bakudala manje sebesekela uRamaphosa kanti abanye basekela iqembu le-Radical Economic Transformation ANC elihambisana nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.
Usengumuntu onesizungu manje, osele dengwane ukuba alwe izimpi ezakhe zepolitiki eyedwa.
Asikho nesisodwa isifunda se-ANC noma isifundazwe esamvikela njengoba elwela ukusindisa umsebenzi wakhe wezepolitiki.
Elinye ilungu lekhabhinethi elikhulume ne-Scrolla.Africa lithe uMkhize ubuthakathaka kakhulu ukuthi angalwa.
“Ukukhuluma iqiniso, ngineqiniso lokuthi akacabangi nangalokho. Kwezepolitiki, awulwi uma uzithola usesimeni esibuthaka.”
UMkhize, owayenguMgcinimafa-Jikelele we-ANC, manje useyilungu elijwayelekile leKomidi eliPhethe (i-NEC).
Kulindeleke ukuthi avele phambi kweKhomishini ye-ANC Integrity Commission (i-IC), eholwa nguGeorge Mashamba kuleli sonto.