Lubhalwe nguDylan Bettencourt
I-Manchester City nabalandeli bayo bebelokhu bephila kamnandi eminyakeni embalwa edlule, kodwa lokho sekuzoshintsha.
Akukhathalekile ukuthi ngabe i-City iyajeziswa yini ngezinsolo zokwephulwa kwemithetho yezimali ezingaphezu kuka-100 noma cha, lokhu kubukeka kukhombisa ukuqala kokuwa kweqembu.
I-Manchester City isiphathe ibhola lase-England cishe iminyaka eyishumi manje, iwina izicoco eziyisithupha ze-Premier League League selokhu yaqala ukuwina ngesizini ka-2011/12.
Kodwa-ke, uPep Guardiola neqembu lakhe i-City bebengekho ezingeni elingcono kakhulu ngesizini edlule futhi bekubheda kakhulu kule sizini.
Ngesizini edlule i-City yawina ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-20 ukuthi umdlalo uphele.
Kodwa izinto azikathuthuki kwi-City kule sizini yize isayinise umgadli onekhono u-Erling Haaland.
Kuthiwa lo mdlali wase-Norway uzonyusa i-City kodwa yize eshaye amagoli angaphezu kuka-20 kule sizini, i-City ibukeka ingenzi kahle nakakhulu.
I-Arsenal ehlulwe i-Everton kubukeke kukhanya kuyo ngempelasonto kodwa i-City ihlulwe i-Tottenham Hotspur ngeSonto.
Kuze kwaba kubi kakhulu ngoMsombuluko ngesikhathi imibiko iveza ukuthi i-City yephula imithetho yezezimali yePremier League kulandela uphenyo lweminyaka emine.
Yize izijeziso zibukeka zinzima kodwa mancane amathuba okuthi i-City ibhekane nolaka olukhulu lokuxoshwa kwi-Premier League.
Manje lolu hlelo seluzosingathwa ikhomishini ezimele futhi luzodonsa isikhathi eside, ezinye izindaba ezimbi kakhulu kwi-City.
Ukungenzi kahle kumele kube into emqoka ekhathaza i-City njengamanje kodwa izozama ukungaphazanyiswa izijeziso ezingase zibe khona.
Phezu kwalokho kubonakala kunenkinga ngokuziphatha kwabadlali nasekhempini ye-City. UJoão Cancelo usanda kuthunyelwa kwi-Bayern Munich ngemuva kokuxabana noGuardiola.
Manje imibiko yakamuva iphakamisa ukuthi uHaaland akaneme ngomqeqeshi wase-Spain futhi ubudlelwano babo buchazwa ngokuthi “buqhelelene”.
Kuthiwa lo mdlali akeneme ngesitayela sokudlala sikaGuardiola njengoba kungase kungahambisani nezidingo zikaHaaland.
I-Rock bottom iya ngokuya isondela kwi-City edinga isimangaliso ukuze ithuthukise izimo zayo.
Esithombeni esingenhla: I-Manchester City
Umthombo wesithombe: @ManCity