Dylan Bettencourt
Sekungokwesine kulandelana ukuthi iMamelodi Sundowns inqobe isicoco se-PSL.
Igebe elikhulu lamaphuzu ayi-13 lihlukanise amaBrazilians naMaZulu asendaweni yesibili. Kumasizini ayisishiyagalombili edlule ebholeni le-PSL, iSundowns inqobe imidlalo eyisithupha yaqeda isibili kulawa amabili asele.
Kuyabonakala ukuthi aMasandawana anesifiso nomdlandla wokuba yiqembu eliphambili futhi kuyakhombisa enkundleni. Alikho elinye iqembu laseNingizimu Afrika elizithwalisa ingcindezi enkulu njengeSundowns. Nasekunqobeni bahlala befuna izindlela zokuthuthukisa umdlalo wabo nokukhula njengeqembu.
Yize amaqembu amaningi akuleli ethembele kubantu ngabanye ukukhuphula iqembu, iSundowns iyiqembu elisebenzisana lonke. Ngesikhathi iziqhwaga zase-Soweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates zidonsa kanzima, kungenzeka silinde iminyaka eminingi kuze kube sibona umpetha omusha ethweswa isicoco.
Leli qembu lasePitoli seliwine ama-Nedbank Cups amahlanu, ama-Telkom Knockout, ama-MTN 8 amathathu kanye nesicoco se-CAF Champions League esisodwa.
Iqembu libuthe imiklomelo eminingi lihlula abancintisana nabo emiklomelweni ye-PSL, ngokusayiniswa okusha kukaPeter Shalulile owine i-player of the season kanye ne-player’s player of the season. UThemba Zwane uwine i-midfielder of the season kwathi uDenis Onyango wawina i-goalkeeper of the season.
Abaningi babecabanga ukuthi ukuhamba komphathi osephathe esikhathi eside uPitso Mosimane kuzoliphazamisa iqembu kodwa iqembu labaqeqeshi bakaRulani Mokweba, uManqoba Mngqhiti noSteve Kompela benze umsebenzi omkhulu wokugcina amaBrazilians ephezulu emdlalweni wabo.
Umthombo wesithombe: @MamelodiSundowns