Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Emngcwabeni obungoLwesibili wezingane ezimbili ezisacathula ezishe zangqongqa ngesonto eledlule eSibangweni Location eMthatha, indaba ebuhlungu yokukhula kukanina ishiye abaningi bezibuza ukuthi kumele bamsole yini ngokuzishiya nomalume wazo ngesikhathi eyozijabulisa nabangani.
U-Anelisa Makeleni (23) okhulelwe, ungunina kaBekithemba (9) obeke impilo yakhe engcupheni ezama ukusindisa izingane zakubo, u-Alive (3) noZenakhe (2) abashone emlilweni ngesonto eledlule, kuthiwa ushiye izingane zilele endlini.
Isishoshovu samalungelo ezingane e-Eastern Cape, uMnuz Petros Majola uthe nakuba kungase kube lula kubantu ukuthi umama kumele aboshwe ngokunganaki ingane, kodwa kumele bacabangele isimo sakhe senhlalo.
“Uneminyaka engu-23 futhi unengane yomfana (9). Manje uqala ukuzibuza ukuthi wayeneminyaka emingaki ngesikhathi ezala ingane yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye manje. Ngaphandle kwalaba ababili abashone emlilweni, ukhulelwe ingane yesine,” kusho uMajola.
Umama ka-Anelisa wathuthela KwaZulu-Natal wamshiya nomfowabo ukuthi bazinakekele ngesikhathi u-Anelisa ekhulelwe ingane yakhe yokuqala. UMajola uthe lokhu kuyakhombisa ukuthi umama osemncane udinga ukwesekwa umndeni.
Akasebenzi futhi uthembele emalini yesibonelelo sikahulumeni ayitholayo ukuze aphile.
Ugesi emzini wakhe usanda kunqanyulwa nokuyinto ephoqe umndeni ukuthi usebenzise amakhandlela ukukhanyisa. Kuthiwa ikhandlela ebelivutha yilona elidale ukuthi umuzi ushe, kanti ukusha kophahla kusho ukuthi umlilo ububhebhetheka ngokushesha.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uFundile Gade ubengomunye wabahambele umngcwabo wezingane ezimbili ezisacathula.
UGade uthe uMnyango wezeMfundo esifundazweni uzohlinzeka uBekithemba ngosizo lwengqondo nezemfundo ukuze uqinisekise ukuthi uyathuthuka esikoleni.
“Kithina njengomkhakha wezemfundo, lokhu kuyishwa… ngaphandle nje kokunikeza usizo lwezengqondo, sidinga ukumeseka ezifundweni zakhe nesikole sonke ngoba uma ingane eyodwa ithintekile, lonke iqembu lontanga liyathinteka, ngisho nothisha bayaphazamiseka,” kusho uGade. .
Ngokusho kukamalume wezingane, uXolani Makeleni obelele kwelinye igumbi endlini ngesikhathi kuqubuka umlilo, izingane zingcwatshwe ngaphambi kokuphuma kwelanga ngoLwesibili.
Esithombeni esingenhla: Indlu okushonele kuyo izingane ezimbili ezisacathula, u-Alive kanye noZenakhe Makeleni ngesikhathi kusha indlu mhla zizine kuNhlaba.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe