
Menzi Magubane
Ngabe kukhona ukungeneliseki ekhempini ye-Kaizer Chiefs? Uma isenzo somqeqeshi uStuart Baxter ngemuva kokunqoba kwaMakhosi bebhekene ne-Orlando Pirates e-Soweto ngoMgqibelo simangaze abaningi, mhlampe ngampela kunezinkinga.
Kwividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lo wesilisa waseNgilandi ubonakale ejabulelana nethimba lakhe elihalalisela kodwa engamnaki umsizi wakhe u-Arthur Zwane. UZwane ubonakala ezama ukwelula isandla kodwa asheshe asihoxise uma uBaxter esuka.
UBaxter akasiyona intandokazi yabalandeli futhi ukuhlangana noZwane akuzange kumsize ngalutho.
Abalandeli basabona sengathi abaphathi kumele bamxoshe uBaxter banikeze uZwane isikhundla sokuqeqesha.
UZwane uthole ithuba lokuhola ithimba labaqeqeshi ehambisana noDillon Shepard ngesikhathi i-Chiefs ixosha uGavin Hunt emidlalweni emithathu kuphela ngaphambi kokuphela kwesizini edlule. Laba bobabili baphinde bathatha izintambo kule sizini ngesikhathi uBaxter ene-Covid-19 ngoZibandlela.
UZwane, owayengumdlali wasesiswini we-Chiefs, ugqame njengomqeqeshi emidlalweni abeyibamba kuyona.
Abalandeli babethanda ukuthi ubesebenzisa abadlali abasebancane.
Babona sengathi uBaxter akahambisani nomsebenzi wokuphatha.
Ngesikhathi usihlalo waMakhosi uKaizer Motaung Senior ebuyisa uBaxter ekuqaleni kwesizini uthe ufuna ukubona abadlali abancane benikwa ithuba.
“Akususwe amakhehla, kusho usihlalo waMakhosi.
UBaxter akalishintshile kakhulu iqembu kunalokhu ebeliyikho ngaphansi kukaHunt ngesizini edlule. Nokho ukhiphe abadlali abasezingeni eliphezulu abafana noBernard Parker, uKhama Billiat nabanye abadlali abadala.
Abaphathi be-Chiefs kufanele bangenelele baxazulule noma iyiphi inkinga ekhona phakathi kukaBaxter noZwane. Uma kungaxazululeki kungadala uqhekeko phakathi kwabadlali, abadala abahambisana noBaxter nabanye abaseka uZwane.
Yize enqobe i-Pirates kabili kule sizini, abalandeli abakaqiniseki ngokuthi uBaxter nguyena ofanele ukubuyisela iqembu esimeni salo sakudala. Kodwa iqiniso limile ukuthi nguMotaung nenkampani abathatha izinqumo hhayi abalandeli.
Umthombo wesithombe: @TheCitizen