Ngabe impilo yakhe njengomdlwenguli iqale eneminyaka eyishumi nantathu?

Kamogelo Muvhenzhe

Uma etholwa enecala, uTshepiso Mabelane engaba ngumdlwenguli omncane kunabo bonke ezweni.

Manje uneminyaka engama-23 ubudala, le nsizwa yase-Sekhukhune e-Limpopo yayineminyaka engu-13 kuphela ngesikhathi eqala ukusolwa ngokudlwengula.

UTshepiso ubhekene nokushushiswa eNkantolo eNkulu yase-Limpopo ngamacala angaphezu kwanga-35 okudlwengula nangama-38 okubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokushaya.

Ukubusa kwakhe kokuba isigelegeqe kwaqala ngowezi-2011, kwaqhubeka iminyaka eyisithupha waze wabanjwa ngowezi-2016.

Ephethe ummese nesibhamu, uTshepiso wayebamba kakhulu intsha kanye nabesifazane abaseminyakeni yabo yama-20 abebehamba bodwa noma nomngani.

Kusolwa ngokuthi wayedlwengula izisulu zakhe ezindlini ezilahliwe, emifuleni, emakilasini ezikole zendawo, ezindlini zangasese, emabhulohweni, emahlathini nasemigwaqweni ethulile yezindawo. Iningi lezisulu libike ukuthi wayebadlwengula engenalo ijazi lomkhwenyana.

Ecaleni lakhe lokuqala elibikiwe, uTshepiso wabamba intombazane eyiqhamukela ngemuva, kwathi uma iphenduka, wayimboza ubuso ngesikibha ngaphambi kokuyiyalela ukuba ikhumule.

Emacaleni alinganiselwa kwayishumi, kubikwa ukuthi uTshepiso ubekade ehamba nabanye kodwa nguyena kuphela owayedlwengula izisulu ngaphambi kokuzibabamba inkunzi.

Kwesinye isikhathi, labo ayehamba nabo babephuca abesifazane abasebancane izinto zabo, ngemuva kwalokho eze kulezi zisulu, ubebathembisa ukuthi uzobahambisa kubaphangi ukuze bezokwazi ukubuyisa izimpahla zabo. Kodwa uma befika endaweni engahlali muntu ubebasongela ngokubagwaza ebese eyabadlwengula.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority e-Limpopo uMashudi Malabi-Dzhangi ukuqinisekisile ukuthi icala likaTshepiso liyaqhubeka eNkantolo eNkulu yase-Limpopo e-Polokwane.

Ngowezi-2015, uMpho Rakgoale, waqokwa njengombulali omncane kunabo bonke kuleli ngesikhathi etholwa enecala futhi wagwetshwa odilika jele abayisithupha.

URakgoale wabekwe amacala okudlwengula angama-21 awenza kusukela eneminyaka eyi-17.

Izihloko zakamuva