Ucwaningo lwakamuva luthole ukuthi abesilisa abanamakhala amakhulu banenduku enkulu.
Izinyawo ezinkulu noma izandla sekuyisikhathi eside zibhekwa njengezinkomba zokuba nenduku enkulu, kodwa amakhala nawo angase asho izinkomba zenduku enkulu.
Abacwaningi eNyuvesi yase-Kyoto Prefectural University of Medicine bathi kunokuhlobana okucacile phakathi kobukhulu bekhala nenduku yowesilisa, kubika i-Men’s Health.
Lolu cwaningo lushicilelwe kwi-jounal yezokwelapha i-Basic and Clinical Andrology, ebonisa ukuthi abesilisa abanamakhala amakhulu baba nenduku enkulu mhlawumbe engu-5.3 ubude.
Abesilisa abanamakhala amancane baba nenduku engu-4.1 ubude uma imile.
Abacwaningi basebenzise izidumbu zabesilisa ezingu-126 ngemuva kwezinsuku ezintathu beshonile.
Ngokubheka izici ezifana nobude nesisindo, ithimba lasebenza libheke ubude nokunwebeka kwenduku (SPL) futhi bathola ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kosayizi wezinyawo nosayizi wenduku.
“Iqiniso lithi usayizi wekhala uhlobene ne-SPL futhi ubonisa ukuthi ubude benduku angeke bunqunywe ngeminyaka yomuntu, ubude noma isisindo somzimba, kodwa kunqunywa ngokuzalwa,” ngokusho kocwaningo.
“Nakuba imiphumela yethu ingenamsebenzi ngezinjongo zokucwaninga, ukuqonda inqubo ekhulayo yenduku noma izici zobuso kungase kubaluleke kakhulu ekwandiseni amazinga e-foetal androgen kanye nokulandela imisebenzi yobulili besilisa.”
Ngakho-ke, kuwumqondo omuhle ukuba nomusa kumfana onekhala elikhulu ngoba mhlawumbe uphethe induku enkulu.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: Ikhala elikhulu