Ngabe i-Sundowns izophinde iyiqubule eye-Premiership

Menzi Magubane

Abalandeli bebhola bakuleli sebelinde ngabomvu ukuthi ibhola lakuleli liphinde liqale njengoba lowo mzuzu uzofika namhlanje.

Sekuphele izinyanga ezimbili bengawabuki amaqembu abawathandayo elwela leso sicoco esibalulekile se-Premiership.

Lesi sicoco sihambe ne-Mamelodi Sundowns eminyakeni emine edlule kanti umbuzo omkhulu uthi ingabe i-Sundowns ingakwazi ukuqhubeka nokubusa ngesizini entsha iphinde ibe ngompetha?

Bese umbuzo olandelayo uthi ubani ongayivimba?

Kwenzeka lokhu nje i-Sundowns ayinayo imiqhudelwano futhi kungenzeka iphinde iyiphakamise indebe ye-Premiership.

I-Sundowns ihamba phambili ikakhulukazi emakethe yokuhwebelana ngabadlali. 

Basebenzise imali engu-R100 million bethenga abadlali abaseqophelweni eliphezulu abakwazi ukunqoba izindebe nanoma iyiphi iligi.

Kulindeleke ukuthi i-Sundowns iphinde ikhiphe umklomelo umuntu ngamunye.

Ngesizini edlule sibone uPeter Shalulile ehlwitha umklomelo womshayimagoli ohamba phambili njengoba esehlohle amagoli angu-21.

Angaphinde yini akwenze lokhu? impendulo ithi yebo kungenzeka akwenze lokho ikakhulukazi ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu abamzungezile.

Ubani ozobhekana nokwehla kule sizini? njengoba kule sizini edlule sibone i-Baroka igawulwa izembe kwathi i-Chippa United yasinda.

Nakulokhu i-Chippa isengazithola isesimeni esifanayo uma umnikazi wayo uSiviwe ChippaMpengesi engayeki ukushintsha abaqeqeshi.

I-TS Galaxy isinde ezembeni ngesizini idlula futhi ingase izithole isenkingeni ejulile uma ingashintshi indlela edlala ngayo.

Abadlali abasafufusa bahlezi bebonwa njengabadlali abalula futhi kule sizini i-Richards Bay FC iyona esanda kuwina isicoco se-GladAfrica Championship. 

Bangakwazi yini ukugwema ukuhlehla emuva bazithole sebenyukela emaqenjini ayisishiyagakombili aphezulu?

Ngesizini edlule abadlali abasha i-Royal AM bebengalindelekile ngemuva kokuqeda endaweni yesishiyagalombili ephezulu futhi bazitholela indawo kwi-CAF Confederation Cup emzamweni wabo wokuqala.

Isikhathi kuphela esizosho. Phela iqembu ngalinye linemidlalo yeligi engu-30 okufanele liyidlale. Ngakho-ke azishe!

Umthombo wesithombe:@DailyMaverick

Izihloko zakamuva