Ngabe i-PSL isaba iqembu le-Kaizer Chiefs?

Menzi Magubane

Ngabe i-Premier Soccer League (i-PSL) iyayisaba i-Kaizer Chiefs? Kubukeka kanjalo ngemuva kokuba bathule ngodaba lokuhlehliswa kwemidlalo yaleli qembu ngemuva kokuthi  abadlali beqembu lase-Soweto betholakale bene-Covid-19 ngoMsombuluko, ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezindaba.

Ngesikhathi usihlalo weligi u-Irvin Khoza ebiza umhlangano okhethekile abaningi bebelindele ukuthi akhulume nabezindaba ngodaba lwe-Chiefs nokungadlali kwayo emidlalweni emibili ye-DStv Premiership.

Kodwa cha. Umphathi we-PSL umemezele umqhudelwano omusha wendebe ye-DStv Compact. Wonke umuntu ubelindele ukuthi uKhoza akhulume ngaMakhosi nalokho okungenzeka kube isijeziso sabo ngokungayihloniphi leyo midlalo.

Ukukhuluma iqiniso Amakhosi bekuyilungelo labo uma bethatha isinqumo sokungayihloniphi le midlalo. Balandele imithetho nemigomo kahulumeni kazwelonke neyezempilo ngemuva kokuthi amalungu angaphezu kwangama-30 ehlolwe atholakala ukuthi ane-Covid-19.

Ngaphezu kwalokho, i-Chiefs ike yaxhumana neligi ngezincwadi icela ukuthi imidlalo yayo emihlanu ihlehliswe ngenxa yokubheduka kwalesi sifo kanti iligi ayizange iziphendule lezo zincwadi. Ayikhiphanga ngisho izwi elilodwa.

Okudide abaningi isinqumo sabo ngemuva kokubheduka kwaleli gciwane. Kusebhukwini leligi ukuthi alikho iqembu elingacela ukuhlehliswa komdlalo ngenxa yezizathu ezihlobene ne-Covid.

Iphinde ithi iqembu eliyohluleka ukuhlonipha imidlalo yalo ngaphansi kwalezo zimo liyophucwa amaphuzu bese iqembu eliphikisayo liwina ngamagoli amathathu eqandeni. Yini ebavimbayo ukuthi benze leso sinqumo ku-Chiefs bese beklomelisa i-Cape Town City ne-Golden Arrows ngamaphuzu amathathu iqembu ngalinye?

Ngesizini edlule i-PSL ayichithanga sikhathi ngesikhathi ibhekene nenkinga efanayo yeqembu le-Cape Umoya elahluleka ukuphumelela emdlalweni wayo we-GladAfrica Championship ibhekene ne-Cape Town Spurs ngemuva kokuthi abadlali abaningi bathole ukuthi sebethole leli gciwane. I-Spurs yawina ngamagoli amathathu eqandeni.

Ngakho-ke uma bakwenza ngaleyo nkathi, kufanele bakwenze namanje. Phela kubhalwe emabhukwini esigungu esiphezulu abavumelene ngaso. Kumele sinake ukuthi iningi losihlalo bamaqembu kuligi, okuhlanganisa noKaizer Motaung, ngamalungu ekomidi.

Kungani kuyinkinga manje ukuthi kuthathwe isinqumo njengoba i-Chiefs ikulesi simo? Uma kuyinkinga ukusebenzisa leso sinqumo ngokumelene ne-Chiefs kufanele ivele isiqede nya leso sinqumo.

Umthombo wesithombe: @OfficialPSL

Izihloko zakamuva