Ngabe i-Chiefs ingawusindisa unyaka wayo omubi?

Uma ngabe bekunesikhathi lapho i-Kaizer Chiefs ibingathanda ukushintsha ingqondo ngokubamba iqhaza kwi-CAF yowezi-2020/21, kule sizini kungaba njalo.

Amakhosi asezinhlungwini eziningi kule sizini nesikwati sawo esingadlali kahle enkundleni.

Bavinjelwe yiFifa ukuthi basayine abadlali abasha okungenani amawindi amabili. Kuyimanje baqale umkhankaso wabo we-DStv Premiership ngendlela embi kakhulu futhi ukubamba iqhaza emncintiswaneni wezwekazi nakanjani angeke kwenze izinto zibelula ikhakhulu ngoba ukulimala nokukhathala kuyingxenye enkulu yalomncintiswano.

Kodwa uSihlalo wekilabhu uKaizer Motaung usevele ukubalile ukubaluleka komlando wale mpi ekwiwebhusayithi yeqembu.

“Lolu wuhambo olubalulekile kithina. Lesi yisikhumbuzo seminyaka engama-50 futhi kungokokuqala sidlala e-Cameroon. Futhi kwenzeka lapho i-Cameroon ilungiselela ukusingatha i-Africa Cup of Nations,” kusho uMotaung.

“Siya khona ukuze siphakamise ifulegi laseNingizimu Afrika ngokuziqhenya. Ngifisela iqembu uhambo oluphephile nokunqoba ngeSonto. ”

I-Chiefs iye e-Cameroon ngoLwesine ukuyobhekana nompetha bezwe, i-PWD Bamenda ngeSonto. Lo mdlalo uzodlalelwa enkundleni yezemidlalo i-Omnisports  e-Limbe e-Cameroon ngehora lesine ntambama ngesikhathi saseNingizimu Afrika. Ukuhlangana kungumlenze wokuqala womjikelezo wokuqala.

Umdlalo wasekhaya okuwumlenze wesibili uzodlalwa ngempelasonto yomhla zizine kuya  kumhla ziyisithupha kuZibandlela enkundleni yezemidlalo i-FNB eGoli.

Ngabe i-Chiefs ingakwazi ukuhoxa? Noma bebefuna ukuphuma kulo mqhudelwano bebengeke bavunyelwe ukwenza kanjalo yi-CAF njengoba imidlalo isivele ishicilelwe.

Bayazi ngobuhlungu abakwaziyo ukuthi kuzokwenzekani uma behoxa.

Kowezi-2005 bahoxa kwiNdebe bavalwa yi-CAF iminyaka emithathu. Babhaxabulwa ngenhlawulo yemali eyizi-R22,500.

Kowezi-2002 bahlawuliswa ngemuva kokwenqaba ukudlala umdlalo e-Madagascar eyayinezimpi ngaleso sikhathi,  emqhudelwaneni we-African Cup Winners’ indodo abayinqobe ngonyaka owandulela lowo.

Ngemuva kokuqeda ukuvinjelwa kwabo kweminyaka emithathu babuya kowezi-2009 kodwa kusukela lapho kuze kube kowezi–2016 abakaze badlule emizuliswaneni yokuqala. Ukuthi kwakwenziwe ngamabomu noma cha, akekho owaziyo.

Izihloko zakamuva