Ngabe i-Arsenal izokwazi ukuphakamisa isicoco sePremier league? 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Emasontweni ambalwa edlule bekubonakala sengathi i-Arsenal iyona ezophakamisa indebe ye-Premier League ekupheleni kwesizini.

Nokho, imidlalo emibili ephele ngokulingana (2-2) ibeke i-Manchester City emsileni wama-Gunners.

Futhi bekungeyona nje imidlalo ejwayelekile. I-Arsenal ihole phambili ngamagoli amabili eqandeni kuyona yomibili le midlalo, okokuqala ibhekene ne-Liverpool nangeskhathi ibhekene ne-West Ham United.

I-Manchester City  isisele ngamaphuzu amane kuphela kwiqembu likaMikel Arteta njengoba inomdlalo owodwa okufanele bawunqobe ukuze bezothola ithuba lokuba semuva ngephuzu elilodwa vo.

I-Arsenal ngokungangabazeki ishaye ngaphezu kwesisindo sayo kule sizini futhi yakhombisa amandla amangalisayo azobenza bahole i-Premier League isikhathi eside.

Kodwa-ke, njengamanje isizophela isizini imvamisa lesi bekuba yisikhathi lapho i-Manchester City iguquka khona.

I-Manchester isiwine imidlalo eyishumi ilandelana futhi akubonakali ngathi yehlisa ijubane.

Yize kungesona isikhathi sokwethuka nge-Arsenal kanye nabasekeli bayo abanethemba, umdlalo abazobhekana kuwo ne-Manchester City kubukeka sengathi uzonquma ukuthi obani ompetha.

I-City izokwamukela i-Arsenal ngoLwesithathu ngomhlaka-26 kuMbasa okuzoba umdlalo oshubile wesizini.

Futhi eqenjini le-Arsenal lo mdlalo ubalulekile.

Baphumile ku-Uefa Europa League naku-FA Cup.

I-Premier League iyona kuphela esele ukuthola okuthile ngesizini yayo emnandi.

Nokho i-Manchester City isekwi-FA Cup futhi isanda kuwina umdlalo wayo ngamagoli amathathu eqandeni bebhekene ne-Bayern Munich kuma-quarterfinal e-Uefa Champions League.

Lokho kungase kusebenzele i-Arsenal, kodwa ukulahla amaphuzu ngokulandelana kuzophazamisa iqembu.

Ibhola lizobe lisezandleni ze-Arsenal, kodwa ukhona yini ongamisa ukudlala kwe-Manchester City? Kuzobonakala ngoba kusengenzeka noma yini.

Ukudlala ngokulingana kuzovuna i-Arsenal. Uma lokho kugcina kunjalo ngabe isicoco sizohlezi sibadlula emehlweni, kodwa-ke singahlala ezandleni ze-City.

Isithombe esingenhla: I-Arsenal ilahle amaphuzu ngezimpelasonto ezimbili zilandelana

Umthombo wesithombe: I-West Ham

Izihloko zakamuva