Ngabe elakuleli seliwulungele yini umculi we-reggae

Sizwe Sibiya

Uchwepheshe wezitshalo uMnu uLamington usohambweni olubheke ekubeni uLucky Dube olandelayo.

Lo mculi ukhulele e-Sebokeng e-Vaal kanti cishe akekho obengalindela ukuthi u-Emmanuel Mohlomi Motlhaodi engenza umehluko aphinde abe ngumculi we-reggae eMzansi oseqokwe kabili kwindondo ye-South African Music Award (i-SAMA).

Njengoba eqale umculo eneminyaka eyisishiyagalombili ezifundisa ukudlala ipiyano, lo wesilisa owazi izitshalo uyiphakheji yomculo ophelele wokuzijabulisa futhi unolimi oluhlukile olusuka ku-Tsotsi-taal luya kwi-Jamaican slang.

Uthando lwakhe lomculo nendlela yokuphila yamaRasta ivela kumavidiyo akhe omculo njengezingoma ezithi Decriminalization, i-Faith kanye nengoma ethi-Reunion, ezimenze waqashelwa abalandeli be-reggae emhlabeni wonke ngo-2020.

I-Golibe TV yase-Nigeria kanye nebhulogi yomculo we-reggae ephezulu ebizwa ngokuthi i-ReggaeVille yamukele lo mculi ozimele ngemuva kokuqashelwa isihlabani somculi wase-Jamaica uSizzla Kalonji oseke wabelana ngevidiyo yakhe yomculo kwi-Instagram yakhe.

Lo mculi owazi izitshalo uqokwe kabili kuma-SAMA waqokelwa i-Best Reggae Album ngo-2019 nango-2020 nge-albhamu yakhe ethi-The Game Changer kanye nethi-The Revealer ngokulandelana kwawo. 

Kodwa izinto eziningi azizuzile njengomculo awenzayo zisuka phesheya kwezilwandle.

NgoMasingana uwine umncintiswano womculo kamabonakude wase-Jamaica  obizwa ngokuthi i-Roll Out ngesikhathi esasebenza kwi-albhamu yakhe yesine ahlela ukuyikhipha ngaphansi kwelebuli yakhe yokuqopha i-Concrete Jungle Studios and Publishing.

Ngabe uMzansi usukulungele yini ukwamukela umculo waphesheya? Sizobona ngokuhamba kwesikhathi.

Scrolla World Cup Quiz