Ngabe amabombo kaCampbell asebheke e-Europe?

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Isihlabani seSuperSport United, uShandre Campbell, kubikwa ukuthi uzimisele ngokufudukela ku-Belgian Pro League eyodlalela iBrugge.

Lo mdlali oneminyaka engu-18 ubudala ujabulele umkhankaso omuhle ongasoze wawukhohlwa eqenjini leSupersport, njengoba ehlohle amagoli amahlanu wasiza kwayisithupha kuyo yonke imiqhudelwano futhi waqokelwa umklomelo we-DStv Premiership Young Player of the Season. 

IBrugge iphakathi kwenqwaba yamaqembu aphesheya kwezilwandle afuna lo mdlali, kanti  iFeyenoord neMidtjylland kubikwa ukuthi nawo aphakathi kwamaqembu afuna lo mdlali. 

Ngokubika kwe- iDiski Times sekufinyelelwe esivumelwaneni phakathi kwezinhlangothi zombili kanti umdlali unikezwe inkontileka yesikhathi eside. 

I-agent yalo mdlali, uMike Makaab, utshele i-FarPost ukuthi izingxoxo zisaqhubeka, kodwa akukho osekwenziwe okwamanje. 

“Engingakusho okwamanje wukuthi kusenezingxoxo eziqhubekayo. Sisaxoxisana ngokuningi neqembu. Kusekhona umsebenzi okufanele wenziwe. Akukaphothulwa lutho,” usho kanje. 

UCampbell udlale imidlalo engu-30 ngesizini edlule ngemuva kokukhushulelwa eqenjini elikhulu ngoNtulikazi odlule; futhi akungabazeki ukuthi ukudayiswa kwakhe kuzoqashwa ngeso lokhozi abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika. 

Esithombeni ngenhla: UShandre Campbell.

Umthombo wesithombe: @SLLocal

Izihloko zakamuva