Ngabe amaBhokobhoko azoqhubeka azibambe ziqine? 

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

Muva nje, umqeqeshi wama-Sharks, uJohn Plumtree uthe: “Awukwazi ukuthenga eqenjini eliwinayo.”

Akazange engeze ngokuthi ama-Sharks akwenzile lokho akushilo. Ukusebenzisana kwabo nosomabhizinisi waphesheya uMarco Masotti kuvumele leli qembu elizinze eThekwini ukuthi lithenge abadlali ababizayo abafana noSiya Kolisi oselishiyile iqembu, u-Eben Etzebeth noBongi Mbonambi yize imiphumela yabo yakamuva iphoxa kakhulu.

Yize kunjalo lokho akuzange kuyivimbe i-South African Rugby Union (Saru) ukuthi isebenzisane neqembu labatshalizimali laseMelika, i-Ackerley Sports Group (ASG) ezinze e-Seattle.

Ukuzibandakanya komndeni wakwa-Ackerley kwezemidlalo kwaqala ngobaba wabo, uBarry owathenga amaqembu e-basketball i-Seattle Supersonics ne-Seattle Storm. Kamuva ngo-2001 wathengisela uHoward Schultz amakilabhu omabili ngo-$ 200-million.

Amadodana ka-Ackerley angamawele uTed noChris Ackerley, bangene emkhakheni wokutshalwa kwezimali kwezemidlalo futhi basanda kuba abatshalizimali ku-Leeds United  phakathi kweminye imisebenzi.

I-ASG izotshala imali enkampanini yamalungelo ezohwebo, ezowengamela zonke izici eziphathelene nemali engenayo kanye neyesikhathi esizayo yamaBhokobhoko kanye ne-Saru. 

I-Saru izoba ngabanikazi bamasheya amaningi enkampanini bese i-ASG izothola lokho okuchazwa njenge nzuzo encane.

Yize ama-Sharks edayisele uMasotti (amaphesenti angu-51), i-ASG itshala u-R1.42-billion ($75-million) ngesabelo esingu-20% kumaBhokobhoko. Uzakwabo ozinze e-London, uTimothy Kirkwood uzibophezele ekulawuleni ubudlelwano bamaBhokobhoko.

Ngokwe-ASG, inhloso enkulu ukuthuthukisa uxhaso, ukusakaza, nokusatshalaliswa kwemali yomdlalo engenayo osukwini. Ingxenye yenzuzo ye-Saru izokwabelwa ekusimamiseni umbhoxo wezimfundamakhwela eNingizimu Afrika.

UKirkwood uvezwe yi-CashNSport ethi: “Impumelelo yamaBhokobhoko igqame kakhulu futhi ayizibeki nokho, likhona igebe elibonakalayo phakathi kwabakuzuzile enkundleni nokusebenza kwabo kwezamabhizinisi.”

Ngamanye amazwi, kunemali eningi okufanele yenziwe kanti i-ASG ihlela izindlela zokukhangisa ukuze yenze imali eningi kakhulu.

I-Saru idinga imali. Ngemali yaseNingizimu Afrika ukuthola abadlali abasezingeni eliphezulu abazodlala kuleli kuya ngokuba nzima.

Umqeqeshi uRassie Erasmus usanonyaka onzima njengoba kusamele abhekane ne-Ireland nama-All Blacks. Ngokuhamba kwesikhathi, unesicoco seNdebe Yomhlaba okufanele asivikele. Konke lokho kudla imali.

Ngakho i-Saru izithola isiboshini futhi kubukeka izozifaka kwenkulu inkinga.

Ama-Global consortiums ayikusasa layo yonke imidlalo. Akufanele, futhi angeke agwenywe. Kodwa ingabe isiko lamaBhokobhoko lizosinda enkathini yezezimali?

Isibonelo ngama-Sharks singase singabi nobulungiswa. Leli qembu elizinze eThekwini liqeqeshwa kabi futhi liphethwe kabi.

Asethembe ukuthi ompetha beNdebe yoMhlaba ngeke bawele emgodini ofanayo.

Esithombeni esingenhla: AmaBhokobhoko. 

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva