Ngabe ama-All Black azomxosha yini umqeqeshi?

Njengoba sekusele izinyanga ezingu-14 kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo abaphathi be-New Zealand Rugby bangakwazi yini ukuxosha umqeqeshi wama-All Blacks uLan Foster kubuza uLucky Maree.

“Lokho akwamukelekile.”

Lawa ngamazwi asetshenziswe isikhulu esiphezulu se-New Zealand Rugby uMark Robinson ngesikhathi ebuzwa ngendlela ama-All Blacks adlale ngayo ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wesithathu kanye nochungechunge lwemidlalo emithathu bedlala ne-Ireland.

Ngemuva komdlalo uJohnny Sexton ubejabule kakhulu ngokunqoba kwe-Ireland ishaya i-All Blacks encoma ukuthi bahlule iqembu elihamba phambili emhlabeni.

Iqiniso ukuthi amaqembu amane okuqala abekwe phezulu okuhlanganisa ne-Ireland ungasho ukuthi ahamba phambili. 

Okuxakayo kulokhu ukuthi i-France njengamanje iqembu elihleli phezulu, kodwa abaningi bayithatha njengeqembu elincane elingafanelwe ukuba phambili.

Kodwa noma ngabe umhlaba wonke ucabangani ngamazwi kaRobinson afana neningi labantu base-New Zealand abathi njengoba amazwe embalwa kakhulu emhlabeni babheke i-Rugby Union njengomdlalo wabo wezwe. Bakholwa ukuthi i-New Zealand kufanele kube iqembu elihamba phambili noma ngabe kunohlelo amaqembu abekwa ngalo.

Inkundla yezokuxhumana yase-New Zealand ivumelana noRobinson kodwa bakhuluma izinto eziningi ezihlukile. Futhi kubonakala sengathi bonke basola uIan Foster. Noma bengafuni ngempela ukuthi amiswe odongeni noma akhishwe njengoba eyixoki kodwa abalandeli abaningi be-All Blacks ngokusobala ngeke babe nandaba uma engaxoshwa.

Ukuthatha izintambo kumpetha ofana noSteve Hansen bekungeke kube lula, kodwa uFoster akazange asebenze ngokuzimisela njengoba kungakabonakali asekwenzile njengomqeqeshi.

I-Chiefs yafinyelela kowamanqamu e-Super Rugby ngonyaka ka-2004 kanye nowamanqamu ngo-2009 ngesikhathi uFoster engumqeqeshi, kodwa wathola u-50% wokuwina kwe-Chiefs.

Angakanani amathuba okuthi ngesikhathi ufunda lokhu kungenzeka ukuthi uFoster uzobe esexoshiwe? Akukubi empeleni iwashi lisikhathi siyahamba kanti iNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo isiseduze. 

Abalandeli bahlale becasukile Ukulwa ilokhu okwenziwa abalandeli ikakhulukazi ngaphandle kwezizathu eziphusile noma iziphakamiso eziphusile. “UFoster uyisiphukuphuku **! kumele avele ahambe nje!” akuyona impikiswano enkulu kangako,” lokhu bekubhalwe ku-Twitter.

Kodwa ebhodini lase-New Zealand Rugby abaphathi abakhulu bazoba nezinto eziningi okufanele bazicabangele. Kumele bazibuze ukuthi kungani beqoke yena kwasekuqaleni. Uma bebazi ukuthi unerekhodi eliwu-50/50 bebelindele ukuthi ahluke ngani?

Okunye okucatshangelwa kakhulu imidlalo ezayo ye-Rugby Championship.

Kungaba isibindi kwi-New Zealand Rugby ukukhombisa uFoster umnyango manje ngesikhathi ama-All Blacks ezobhekana nelakuleli, i-Australia ne-Argentina mhla ziyisithupha kuNcwaba nangomhlaka-24 kuMandulo. 

Uma bemkhipha befaka umqeqeshi we-Blues uLeon MacDonald njengokusho kukaJohn Kirwin kwi-The Breakdown lokho kungaba isinqumo esihle. Kodwa uma uMacDonald ehluleka lokho kuzobashiya besemfuleni beminza bengakwazi ukugwedlangisho nokubhukuda.

Kodwa uma bengasithathi isikhundla sikaFoster manje kuzosho ukuthi basele nezinyanga ezimbili eduze kweNdebe yoMhlaba kodwa  uma uFoster ehluleka kuzosho ukuthi badlalile ngaleso sikhathi. 

Okunye ukuthi ungabheji wonke umholo wakho ngokuthi i-All Blacks izolahlekelwa i-Rugby Championship. Ukuwina kuyingxenye eqinile yesiko lombhoxo lase-New Zealand.

Izihloko zakamuva