Ngabe abalandeli bayibonga ngokwanele yini i-Pirates ngokubamela kowe-CAF

Ukuziphatha okungalawuleki kwabalandeli be-Orlando Pirates kulandela ukuphuma kweqembu labo emdlalweni wendebe ngesonto eledlule kuholela uMenzi Magubane ukuthi abuze ngabe abalandeli balibonga ngokwanele yini iqembu?.

Kubuhlungu ukubona indlela abalandeli be-Pirates abaziphathe ngayo ngemuva kokuthi iqembu labo lihlulwe i-RSB Berkane kowamanqamu we-CAF Confederation Cup ngoLwesihlanu olwedlule.

Umbuzo wami uthi, ngubani ngempela obeseka i-Pirates kulokhu ebidlula kukho?

I-Pirates iyona kuphela iqembu laseNingizimu Afrika elidlale kowamanqamu walo mqhudelwano futhi isikwenze kabili. Balahlekelwe, siyakwazi lokho, kodwa abasekeli babo abakwazi ukubonga lokho?

Yize ihlulwe kowamanqamu i-Pirates yenze kahle eNingizimu Afrika yonke ngokutholela izwe amaphuzu amaningi okungena kwi-CAF.

I-Egypt ne-Morocco iwona maqembu ahamba phambili e-Afrika kanti iNingizimu Afrika ikwinombolo yesithupha okwamanje.

Ngicabanga ukuthi izwe lonke kufanele lijabulele iqembu le-Pirates ngoba bebekhona ukuzophephezelisa ifulegi laseNingizimu Afrika e-Nigeria.

Izinto ngabe zihlukile ukube lezi zinkunzi zase-Soweto ziyinqobile le ndebe. 

Bekungaba iqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukunqoba yomibili imiqhudelwano ye-CAF.

Ngonyaka ka-1995 i-Pirates yaqopha umlando ngesikhathi iba iqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukunqoba i-Champions League. I-Mamelodi Sundowns yalandela ngemuva kweminyaka engu-20.

Lawa iwona kuphela amaqembu aseNingizimu ne-Afrika asenqobe lesi sicoco.

Kodwa i-Pirates yenze umlando ngemuva kokudlala kowamanqamu we-Confederation Cup. Alikho iqembu laseNingizimu Afrika elake ladlala kowamanqamu walo mqhudelwano.

I-Pirates yangena okokuqala ngqa kulo mqhudelwano ngonyaka ka-2015.

Yize ihlulwe i-Moroccans e-Nigeria i-Pirates ikwazile ukungena kwabayishumi abahamba phambili ezilinganisweni zamaqembu e-CAF. Basendaweni yeshumi kanti i-Sundowns isendaweni yesihlanu. Izinkunzi zase-Egypt i-Al Ahly izona ezihamba phambili.

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva