Nawe Hammarsdale awumncinyane ngendondo yeGrammy

Lubhalwe nguThabiso Sekhula

Ekhuluma  ngeculo eladuma kakhulu elithi “Jerusalema”, uNomcebo Zikode uthe: “Ngabhala ingoma eyasukumisa umhlaba wonke yahlanganisa abantu abaningi, kodwa angizange ngiyithole indondo noma ukuqokwa ngaleyo ngoma. 

Wabe esethi: “UNkulunkulu ungitshele ukuthi ngininike ‘uBayethe’.”

Lo mculi usezokwazi ukubeka ngemuva ubuhlungu beminyaka  emithathu ngengoma yakhe i-Jerusalema njengoba esekwazile ukuthola indondo kuma-Grammy ngengoma ethi “Bayethe.”

Wamukele ngenjabulo indondo emcimbini wezihlabani e-Los Angeles ngengoma ehlanganisa izingwazi zakuleli uZakes Bantwini kanye noWouter Kellerman osehlomule indondo yama-Grammy kabili. UTrevor Noah wakuleli nguyena obephethe uhlelo lwama-Grammy.

Laba bobathathu bahambele lo mcimbi obuse-Crypto.com Arena e-Los Angeles kanti bahlabane ngendondo ye-Global Music Performance ebebeyibanga emkhakheni ofanayo noBurna Boy wase-Nigeria, u-Eddy Kenzo wase-Uganda kanye noRocky Dawuni wase-Ghana.

UNomcebo (38) uthe okunye okungahambanga kahle emsebenzini wakhe impi yengoma iJerusalema —eyahamba phambili yaba iculo elidumile kunawo wonke emlandweni. Uthe uNkulunkulu wamtshela ukuthi iculo elithi “Bayethe” kuzoba iculo okufanele alikhiphe njengoba libukeka kuyilo elimfaka ezintweni futhi. 

Abantu bakuleli babungaze lesi sikhathi esimangalisayo nalaba abathathu ezinkundleni zokuxhumana.

I-Twitter yokuqala:

https://twitter.com/anele_mgobozi/status/1622390206677540866?s=20&t=zV6KmeBZezqrD34V zU_TXA

I-Twitter yesibili: https://twitter.com/liezelv/status/1622432703495737344?s=20&t=COX0hXLFKoGfhcWR1iWsqA

Kwezinye izindaba zase-Afrika isihlabane uTems naye uthole i-Grammy yakhe yokuqala ngeculo likaFuture elishisa izikhotha elithi, “Wait For You”, alicula noDrake umrepha waseMelika.

Uqokwe emiklomelweni emithathu kanti ube ngowesifazane wokuqala wase-Nigeria ukuthola indondo kuma-Grammy.

Izihloko zakamuva