Lungi Langa
UHandyman Sabelo Ngwenya wayesendleleni eya emsebenzini ngomhlaka-13 kuNtulikazi nyakenye ngesikhathi edutshulwa ebulawa kanti kusolwa iphoyisa ngalesi sigameko.
Ngemuva konyaka, akekho osaboshiwe noma ovulelwe icala ngokushona kwakhe.
USabelo ungomunye wabangu-354 ababulawa KwaZulu-Natal ngezibhelu zangoNtulikazi ezathatha izinsuku eziyisishiyagalombili.
Unina uNksz Ntombilezi Nolovu waseLindelani, eNtuzuma uthe izimpilo zabo zaphenduka zaba zimbi ngesikhathi kudutshulwa indodana yakhe (28), uthe ngeke aphumule engakabutholi ubulungiswa ngokubulawa kwendodana yakhe.
“Indodana yami iyona eyayinakekela umndeni ngokwezimali, bengingasakwazi ukwenza imisebenzi ejwayelekile efana nokuwashela abantu izingubo nokuhlanza izindlu njengoba ngangenza ngesikhathi besakhula, selokhu adlula emhlabeni sidonsa kanzima,” kusho uNolovu.
Umndeni usuphila ngemali yezingane yesibonelelo sikahulumeni sakwa-Sassa.
“Le mali ayanele futhi nendodana yami yayikwazi lokho. Wayesiza umndeni ngokwezimali futhi akakaze akhononde. Noma ngubani ombulele unecala lokufaka umndeni wami enhluphekweni,” engeza.
Ngaphambi kokuthi uSabelo aye emsebenzini ngalelo langa wathembisa unina ukumthengela izicathulo.
“Ngangisanda kuphuma esibhedlela ngemuva kokukhishwa isibeletho ngenxa yezimpawu zomdlavuza,” esho.
Wayengiboleke izimbadada zakhe kodwa bengingakhululeki uma ngizigqokile. Wangithembisa ukuthi uzongithengela ezibiza kakhulu. Ngemuva kwehora ngathola ucingo lungazisa ukuthi udutshuliwe wabulawa,” kusho uNolovu.
Uthe abantu abebegibeze indodana yakhe abebehamba nayo bamtshela ukuthi bavinjwe ngabantu abathi bangamaphoyisa kaMasipala. Babengawugqokile umfaniswano kodwa babehamba ngemoto yamaphoyisa kaMasipala ebhalisiwe.
“Bathi omunye walamadoda amabili angamaNdiya ayezibiza ngamaphoyisa amdubula ngemuva kokuthi abuze ukuthi kungani kuthiwa abaphume emotweni yabo. Bathi isibhamu sakhala kanye kanjalo noSabelo wakhala kanye washona. Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko samfica eseshonile,” kusho lo mama.
Uthe selokhu balinda ukuzwa ukuthi kukhona oboshiwe kuze kube yimanje.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele, uthe amaphoyisa nophiko lwe-Directorate for Priority Crime Investigation (oKlebe) babophe okungenani abantu abangu-5 000 kanti amacala angaphezu kuka-3 300 asephothuliwe kuze kube manje, amanye ahoxiswe ngaphambi kokuya enkantolo noma phakathi enkantolo.