Philani Mzila
Lindela umsakazi omusha kamabonakude uYolanda Buthelezi kuma-South African Music Awards alo nyaka.
Lesi sihlabani esisakhula esisuka oLundi, KwaZulu-Natali, sithi ukuwina umncintiswano we-Sofnfree Spotlight kube wukufezeka kwephupho lempilo yakhe lokufuna ukuba ngumethuli wezinhlelo kumabonakude.
NgoMgqibelo lo ku-SABC 1, uYolanda uzohambela ngemuva ukuyoxoxisana nabaculi uSjava, uBuhle Smith, uKamo Mphela, uNomcebo, uBucy Radebe, uBig Zulu, iBlaq Diamond, nomculi womculo wokholo uHle kanye nabanye.
“Imiklomelo yalo nyaka ibiyehlukile futhi ikhombise ithalente eliyisimanga ezweni lethu,” kusho uYolanda ngaphambi komcimbi.
“Ukwazi kabanzi ngempilo yabaculi kude nemisebenzi yabo bekuyintokozo. Ukwazi abakuthandayo, kunginike omunye umbono ngezimpilo zabo.”
Ujabulele ukuxoxisana noHle, uNomcebo, uSho Madjozi, uReign Africa noBucy Radebe – abaqokelwe ukuba yi-Female Artist of the Year.
“Bekungumcimbi ohloniphekile ukuhlangana nabesifazane abanesiphiwo futhi abanamakhono,” esho.
UNomcebo Zikode, oqokwe emkhakheni wabaculi besifazane abavelele, uthe kudinga ukusebenza kanzima nezinyembezi ukuthola ukuqokwa.
“Kunesikhathi lapho ngangicabanga ukuthi ngeke ngiphumelele ngoba impilo yayinzima. Kodwa ngilapha, ngijabule ukuqokwa nabesifazane abaphambili nabaculi abanohlonze,” kusho yena
Umculi womculo wokholo uHle wengeze wathi: “Inkazimulo kaNkulunkulu yenze lokhu kwenzeka. Ukwenza engikuthandayo ngibe ngidumisa kungilethela injabulo. Ukunqoba kungasho lukhulu kimina, kodwa ukuqokwa kusho ukuthi abantu balalela umsebenzi esiwenzayo.”
Umculi we-Uzugcin’impilo yam ‘uBucy Radebe uthi ngemuva komshikashika onzima, iNingizimu Afrika ifanelwe umgubho omkhulu.
“Ngijabule futhi nginemizwa emihle yokuba yingxenye yomcimbi wokuhlonishwa kangaka.”
Umcimbi wokuklonyeliswa uzokhonjiswa ku-SABC 1 ngehora le-8 ebusuku ngoMgqibelo.