Lungani Zungu
Abahlali abadiniwe sebetshele amaqembu epolitiki ukuthi abangathathi lento yokungazwani kwamandiya nabantu abamyama e-Phoenix bese benza ngathi bayabasiza kanti bafuna ukuthuthukisa amaqembu abo.
NgoLwesine abalandeli be-EFF beholwa ngunobhala we-EFF uMarshall Dlamini bamashele esiteshini samaphoyisa beyofuna ubulungiswa balabo abathinteka empini yase-Phoenix
Abalandeli be-EFF bebecula amaculo omzabalazo bephethe izinduku namahawu njengoba bamashele kwisiteshi samaphoyisa lapho khona obeyisikhulumi efike wagxeka iqembu elibusayo i-ANC.
Abahlali abagculisekile ngenhloso yosopolitiki.
Umhlali waseNanda uthe amaphoyisa angenelela kwisimo, kodwa nawo ayefisa ukufeza izinhloso zawo.
Ilokishi lakhe liseduze ne-Phoenix futhi ungomunye owahlukumezeka ngoba khona abebazi ababulawa e-Phoenix.
Wonke amaqembu akade ebamba amamashi lapha e-Phoenix abezenzela wona abengenzeli abahlali balapha kusho uSibisi ouyilunga lekomidi loxolo elibhekelela izinxushunxushu ezenzeka e-Phoenix.
Sike sasho ukuthi siyazama ukulwa nalesi simo, kodwa amaqembu epolitiki avele afune ukuthatha lesi simo kube ngathi bayasisiza kanti bafuna ukufeza izinhloso zabo.
Umhlali uMartin uyavuma.
Okwenzeka lapha e-Phoenix kuyishwa futhi sekuvele kwaba inkinga enkulu uma ngabe amaqembu epolitiki evele awubase kakhulu umlilo kusho uNaidoo.
Uyavuma ukuthi laba abaphuce abantu umphefumulo ababoshwe.
Angeke sikwazi ukuhlala endaweni lapho khona kubulawa abantu ngenxa yebala lakho kusho uNaidoo
I-ANC ne-IFP ingamanye wamaqemu akade ebamba amamashi lapha e-Phoenix lapho okushone khona abantu abangama-36.
Kuthithwa kubhalwe ukuthi abahlali abaningi abagculisekanga ngoMarshall Dlamini weqembu le-EFF obekhombisa ubumbano.