Mkhulu umonakalo odalwe izikhukhula eKZN

Dylan Bettencourt

Njengoba izikhukhula KwaZulu-Natali ziqhubeka nokucekela phansi izindawo ezizungeze isifundazwe, izakhamizi zithi ukungalethwa kwezidingongqangi ziyimbangela yomonakalo.

Imvula enamandla idale izikhukhula ezihlasele izindawo eziningi KwaZulu-Natali. Balinganiselwa ku-45 abantu asebelahlekelwe impilo yabo ngale nhlekelele.

Izakhamizi ezindaweni ezikhahlamezekile zithi ukwanda kwemisele yamanzi okudale ukuthi imigwaqo igcwale amanzi bese kudaleka umonakalo omkhulu.

IIzakhamizi eziningi zingene ezinkundleni zokuxhumana zasola umasipala weTheku ngokuhluleka ukuhlanza nokuhlinzeka imisele yawo.

“Izikhukhula bezingeke zibe zimbi kangaka ukube kuvikwa amanzi eziphepho njalo…. Nehlulekile. Tholani ithimba elisha labasebenzi abanekhono eMnyangweni waManzi Nokuthuthwa Kwendle,” kubhala omunye wabasebenzisi be-Facebook.

Yize bekugxekwa, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (i-CoGTA) uNksz Nonala Ndlovu uthe nakuba imisele ibe neqhaza kulezi zikhukhula kodwa inani lemvula likhulu.

“Kube nemvula enamandla kakhulu. Sekuphele izinsuku ezine ilokhu ina,” etshela i-eNCA.

IMeya kaMasipala weTheku, uMnu Mxolisi Kaunda unxuse bonke abahlali base-KZN ukuthi bayeke ukulahla udoti nokwakha ingqalasizinda engekho emthethweni okuyiyo enezela ebunzimeni bezikhukhula.

Ubuye wengeza ngokuthi sekutshalwe amathimba amaningi okuhlanza ukuze kuqinisekiswe ukuthi isifundazwe silulama ngokushesha.

“Ngohlelo lwe-Operation Good Hope, sihlela ukusebenzela ukuvala imisele yamanzi ezikhukhula. Sijube amathimba ahlukene okuhlanganisa amathimba e-CoGTA nezinye izinhlaka zomthetho ukuze kuqiniswe amathimba okuhlanza,” kusho uKaunda.

UKaunda wengeze ngokuthi umonakalo odalwe izikhukhula ngeke udalulwe okwamanje ngoba umonakalo usanda kwenzeka.

“Siyaqhubeka nokuhlola umonakalo futhi imininingwane eyengeziwe izonikezwa njengoba usuku luqhubeka. Okwamanje, ngeke sikwazi ukuqiniseka izinga lomonakalo,” usho kanje.

Ngemuva komonakalo odalwe yizikhukhula, i-Democratic Alliance (i-DA) iphakamise ukuthi lesi sifundazwe simenyezelwe njenge ndawo yenhlekelele.

“Uma kubhekwa izimo ezikhona njengamanje, i-DA inxusa uNdunankulu ukuthi asho esikhungweni sezinhlekelele kuzwelonke ukuthi i-KZN imenyezelwe njengendawo yezinhlekelele,” kusho iLungu lesiShayamthetho sesifundazwe uMartin Meyer.

Umthombo wesithombe: @Bloomberg

Izihloko zakamuva