Basale bememeza, bethetha ngokwethuka “misa lelo loli”.
Ngaleso sikhathi iloli ebelibaleka bese lize lama, umshayeli walo oneminyaka engu-50 ubudala eseshonile.
Leli loli ebilidonsa izinqola ezimbili lizithele phezu kwezinye izimoto ezine empambanweni yomgwaqo – esemgwaqeni u-Stapleton kanye no East ePinetown, eThekwini.
Leli loli lize lama ngemuva kokushayisa udonga elubiye umuzi.
Abezimo eziphuthumayo kwa-Life Response bachaze bathi:
- “Umshayeli weloli ulishiye liduma ngenkathi eyokhuluma nephoyisa ledolobha okuyilona elimumisile.
- Ngenkathi ebuyela kulona iloli ezethu uzama ukulihlehlisa iloli, ugxume waphuma. Lase lithola amndla okuyaphambili libheke phansi ngomgwaqo u-Stapleton liphusha ezinye izimoto.
- Umshayeli uzame ukumisa leli loli ebese lihamba. Ngenkathi enza njalo, uye wawa wayoshayeka phansi ngekhanda emgwaqeni”.
Ngaphandle komshayeli, akekho omunye othole ukulima kulengozi.
Kanti indawo yasePinetown ayisiqabuki isigameko esifana nalesi futhi size sithwetshulwe ngekhamera. Ngonyaka ka-2013 iloli elaligijima selifelwe amabhuleki labulala abantu abangu 22. Lashiya abangu-80 belimele.