Dylan Bettencourt
Uphenyo lwe-Guardian seluveze ukuthi i-Uber Technologies yephule imithetho eminingana futhi yanxenxa osopolitiki ngesikhathi semizamo yabo yokwandisa inkampani phakathi konyaka ka-2013 no-2017.
Imibhalo eputshuziwe ikhombise inkampani ngokuyimfihlo ifuna ukwesekwa nguMengameli wase-France u-Emmanuel Macron kanye nabanye osopolitiki abaphezulu emhlabeni jikelele.
Ukuputshuka okubhalwe ngokuthi “Amafayela e-Uber”, kukhona imibhalo engaphezu kuka-124,000 izindawo ezisemthethweni inkampani eyangena kuzo ekunyukeni kwayo emazingeni omhlaba.
Le mibhalo ikhombisa ukuthi i-Uber isebenze nohulumeni wase-France ukushintsha umthetho owenza kube nzima ukuthi abashayeli bakwa-Uber bathole amalayisensi okucasule imboni yamatekisi.
Baphinde bakhombisa ukuthi i-Uber ibeke ngamabomu abashayeli bayo ezimeni ezingaba ingozi ngo-2016 ukuze bathole ukuzwelana nomphakathi.
Ekushintshaneni phakathi komsunguli we-Uber uTravis Kalanick kanye noMacron umsunguli uphakamise ukuthi kumele bathumele abashayeli babo uma kunombhikisho wezinsongo onodlame.
“Ubudlova buqinisekisa impumelelo,” uKalanick ebhale kwi-imeyili eputshuziwe.
Lezi zimfihlo ziphinde ziveze ukuthi i-Uber beyazi ukuthi isebenza ngokungemthetho emazweni amaningana okuhlanganisa nelakuleli.
“Asikho emthethweni emazweni amaningi kufanele sikugweme ukwenza izitatimende eziphikisayo,” kubhala ilungu eliphezulu kule-imeyili abebephendulana ngayo.
UKalanick naye uke wabekwa amacala phambilini ngezinsolo zokuthi wakhokhela izigebengu ze-inthanethi imali elinganiselwa ku-R2 million ukuze zifihle isigameko lapho i-Uber yeba khona imininingwane yabasebenzi bayo ababalelwa ku-57 million nabashayeli bama-Uber ngo-2016.
Imibiko yabashayeli be-Uber esikhathini esidlule ibivele ezindaweni ezibandakanya ukuhlukumeza ngokocansi, ukucwaswa ngokobuhlanga kanye nobuxhwanguxhwangu.
I-Uber yakhipha isitatimende ngaphandle kokuziphika lezi zinsolo, kodwa esikhundleni salokho yathi amacala ambalwa ashintshiwe kusukela uDara Khosrowshahi aqokwa njenge-CEO ngo-2017.
“Akuzange kube khona okuvimba ukubikwa kwamaphutha ka-Uber ngaphambi kuka-2017,” kusho inkampani ezinze e-San Francisco esitatimendeni.
“Kushicilelwe izinkulungwane zezindaba, kubhalwe izincwadi eziningi, kwaba nochungechunge lwezindaba kumabonakude.”
Abakwa-Uber bathi lezi zindaba bezaziwa ngumphakathi, kodwa lokhu kulandela ukuthatha kukaKhosrowshahi izintambo.
“Uma sithi i-Uber iyinkampani ehlukile namuhla, sisuke sisho u-90% wabasebenzi be-Uber abajoyine ngemuva kokuthi u-Dara abe i-CEO,” kuchaza isitatimende.
Umthombo wesithombe: @BusinessInsider