Ividiyo ekhombisa isilwane esibizwa nge-lemur esinezandla ezinde sikopolota ikhala kuholele ekutheni ososayensi bakholelwe ukuthi mhlawumbe kunempilo.
Isilwane esaziwa nge-lemur esibizwa ngokuthi i-aye-aye singesinye sezilwane ezingu-12 okuhlanganisa nabantu okubonakala bekopolota amakhala abo badle abakuthola phakathi emakhaleni.
Ososayensi bakholelwa ukuthi ukubhekisisa lokhu kungase kuveze indima yokukopolota ikhala.
U-Anne-Claire Fabre ongusosayensi e-Natural History Museum e-London aphinde abe ngumbhali ohola lolu cwaningo uthe ukukopolota amakhala kungase kube nempilo.
“Olunye ucwaningo lubonisa ukuthi ukukopolota ikhala kungasabalalisa amagciwane afana ne-staphylococcus kanti olunye lubonisa ukuthi abantu abadla amafinyila banamazinyo amancane,” kusho uFabre kubika i-Times.
Umbhali owayehola ucwaningo ukhumbule ividiyo ye-lemur ikopolota ikhala ngo-2015 futhi wasala eshaqekile ngemiphumela.
“Kwangimangaza ngempela ukuthi umunwe wawukude kangakanani, ngoba umunwe ophakathi we-aye-aye mude ngempela futhi yawufaka wonke emakhaleni. Ngazibuza ukuthi umunwe omude kangaka ungena kanjani ekhaleni elincane kanje.
“Ngamangala futhi ngibona inkawu ngaphandle ikopolota ikhala ngazibuza ukuthi zingaki ezinye izilwane ezikwenzayo lokhu futhi kungani zikwenza lokho, ngazibuza ukuthi kusiza ngani? ” kusho usosayensi.
Iminwe ye-lemur yinde cishe ngo-65% wesandla sayo okwenza kungathusi uma ifaka isandla emakhaleni ayo.
Ithimba labacwaningi lisebenzise i-CT scan ukuze lithole ukuthi i-lemur yayikopolota ikhala layo ngoba ilambile yini.
Ithimba liphinde lathola ukuthi iminwe yesilwane ngokuvamile ingafinyelela yonke indlela emphinjeni waso.
Ngenkathi ephakamisa ukuthi kungase kube nempilo okwenziwa i-lemur ekopolota ikhala layo noma umuntu owenza kanjalo, abacwaningi baphinde baveza ukuthi mhlawumbe lokho ukuthola ekujuleni kwekhala okuyilapho kuphuma khona into eqinile enosawoti.
Luhlanhaniswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla ngese-lemur eneminwe emide
Umthombo wesithombe: @SmithsonianMagazine