Kamogelo Olaitan
Amacala amaningi okuhlanganisa ukubulala kanye nokugebenga kuhlonyiwe enziwe abadedelwa ngoshwele ngekota yokuqala ka-2022.
Lokhu kuvezwe nguRonald Lamola, uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo ephendula iPhalamende.
UNgqongqoshe ubephendula umbuzo welungu le-DA ePhalamende uJanho Engelbrecht obebuza ngesimo samanje sokubuyekezwa kwenqubomgomo yomnyango wakhe kashwele.
ULamola uthe izibalo zikhomba ukuthi angu-555 amacala enziwe ngabadedelwa ngoshwele iningi lawo elokweba nokugebenga.
Kulawo macala angu-50 okubulala, angu-123 awokugebenga, angu-71 kanye nangu-66 awokugqekeza phakathi kukaMasingana noNdasa.
ULamola uphinde wathi uMnyango usacubungula ukulungisa kabusha uhlelo lokukhishwa ngoshwele.
“UMnyango ukhiqize uhlaka lwesiphakamiso mayelana nohlelo olubuyekeziwe ukashele njengesisekelo sokuxoxisana kanye nababambe iqhaza.
Lokhu kwenziwa ngokubonisana noMkhandlu Kazwelonke Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, ibhodi le-Judicial Inspectorate for Correctional Services, Medical Parole Advisory Board nebhodi likashwele,” esho ephendula.
UJavu Baloyi okhulumela iKhomishini yokulingana kobulili utshele i-Cape Times ukuthi izibalo zizoqhubeka nokuveza isithombe esibi ngokudlondlobala kobugebengu.
“Amacala amaningi kuleli enziwa abaphinde baphule umthetho. Laba ngababulali abaziwayo, abadlwenguli namasela. Lokhu kuzothumela umyalezo okungewona emphakathini.”