Mancane amathuba okudlala kwisihlabani sase-Egypt esilimale

Isihlabani sase-Egypt, uMohamed Salah uzobuyela kwi-Liverpool ukuze ayolashwa njengoba elimele emlenzeni ku-Africa Cup of Nations (Afcon).

Yize elimele kodwa kunethemba lokuthi angase abuyele kulo mqhudelwano uma kungenzeka i-Egypt idlulele kowandulela owamanqamu.

USalah ulimale ngesikhathi i-Egypt ibambana (2-2) ne-Ghana ku-Group B. Imenenja ye-Liverpool uJurgen Klopp uvume ukuthi inkinga kaSalah yokubambeka komsipha inzima, ukuqinisekisile ukuthi lo mgadli usebuyile ukuze alulame.

UKlopp ugcizelele ukuthi kungenzeka uSalah aphuthelwe imidlalo. Uthe uma i-Egypt ikwazile ukungena kowamanqamu noSalah alulame kusenesikhathi kungenzeka abuyele ku-Afcon.

Umdlalo olandelayo we-Egypt izowudlala ne-Cape Verde ngoMsombuluko ebusuku, kanti ukunqoba kuzoqinisekisa ukuthi iyangena yini esigabeni somkhumulajezi.

Ekuqaleni inhlangano yebhola e-Egypt yaveza ukuthi uSalah uzophinde adlale kulo mqhudelwano uma i-Egypt ifinyelele kuma-quarter-final mhla zimbili noma zintathu kuNhlolanja.

I-Egypt engompetha be-Cup of Nations amahlandla ayisikhombisa, yagcina ukunqoba ngo-2010.

USalah odlale umdlalo wakhe wokuqala emazweni ngemuva konyaka, wadlala indima ebalulekile ng-2017 nonyaka ka-2021 lapho i-Egypt yaqeda khona njengabaphume isibili.

Kulo mqhudelwano, iphenathi kaSalah ayishaye isikhathi sesihambile isize i-Egypt yadlala ngokulingana ne-Mozambique yagwema ukuhlulwa emdlalweni wokuvula.

Ihlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UMohammed Salah.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva