“Mama, ukudla kwasejele kuyesabeka”

Indoda enamandla uJacob Chansley usejele futhi akakuthandi ukudla kwakhona.

UChansley indoda ebukeka isabeka nesifuba sayo esibonakala ngoba iqimbile, inobuso obudwetshiwe nesigqoko sokuzivikela esinezimpondo futhi ephethe umkhonto omude obonakala ezithombeni eziningi zesixuku esasiphanga i-Capitol e-Washington DC ngesonto eledlule.

UChansley uzibiza ngo-shaman – isangoma saseNyakatho neMelika – esiyingxenye yabenkolo abazibuza nge-QAnon.

UChansley ongumlandeli omkhulu kaDonald Trump, unemidwebo emzimbeni wakhe eyesekela i-Aryan Nation – iqembu lama+Nazi eliphakeme labamhlophe.

Ngesikhathi kwenzeka lesi senzo, wathwetshulwa ephethe umkhonto wakhe futhi emi esihlalweni sePhini likaMengameli uMike Pence ngaphakathi kwe-US Senate Chamber.

UChansley uboshwe ngoLwesihlanu kanti uvele enkantolo e-Arizona ngoMsombuluko.

Umawakhe utshele inkantolo ukuthi umfana wakhe ubengadli kusukela ngoLwesihlanu ngoba abaphathi bejele bebengafuni ukumphakela ukudla okunomsoco.

Sifezekile isifiso sakhe. IJaji uDeborah Fine uyalele ukuthi, kumele athole ukudla okunomsoco “ngezizathu zenkolo”.

Ngeke sifune ukulimaza imizwa yomuntu okwincindezi.

Izihloko zakamuva