Ligqashukile igoda phakathi kweSilo noButhelezi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini usehambela kude noMtwana uMangosuthu Buthelezi.

Sekuphele izinganga laba ababili benempi ewumshoshaphansi futhi kubikwa ukuthi uButhelezi esebenzisa isikhundla sakhe sokuba uNdunankulu ukulawula iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ukuthi kumele sisebenze kanjani.

Ukungaboni ngaso linye kwakamuva kusuke ngodaba lokuqashwa kweNkosi uThanduyise Mzimela njengoSihlalo webhodi leNgonyama Trust.

Ukuba uSihlalo webhodi leNgonyama Trust kumele kusho ukulawula yonke imali ekhokhwa ebukhosini eqhamuka emihlabeni ehlukene eqashiselwe ukukhiqiza umoba, amahlathi namasimu embonini yokukhiqiza amaphepha, amapaki kanye nezindawo zokungcebeleka ezakhiwe endaweni yeSilo.

UButhelezi ufuna kukhishwe iNkosi uMzimela ngokushesha kulesi sikhundla.

Uma lokhu kungenziwa uthe inkampani yabammeli eqashwe uButhelezi ukuthi ivikele iSilo ekuphikisaneni nesihlalo sobukhosi ngeke ifake izincwadi ezifungelwe.

Kuleli sonto uNgangezwe Lakhe unqamule isivumelwano nabammeli bakwa-Strauss Daly Inc waphinde wamemezela nezinhlelo zokuthola inkampani yabammeli entsha ezosingatha izindaba zasebukhosini ezibucayi.

ISilo samaBandla sithe izincwadi ezifungelwe zokuphendula kufanele zifakwe eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng mhla ziyishumi kuNhlolanja kulo nyaka.

Encwadini enamakhasi amabili yangomhlaka-17 kuNhlaba kulo nyaka ISilo samaBandla uMisuzulu uthe uButhelezi ubengasaluphenduli ucingo lwakhe.

Uthe ugcine ethole indodana yakhe uMntwana uZuzifa Buthelezi omtshele ukuthi uMtwana uMangosuthu Buthelezi ngeke akugunyaze ukufakwa kwamaphepha eNkantolo kuze kube uSihlalo webhodi leNgonyama Trust osanda kuqokwa iNkosi uMzimela uphoqeleka ukuthi asule esikhundleni ngokushesha.

“Ngenxa yengxabano embi ngiyaxolisa ukunazisa ngesinqumo sami sokuhoxisa i-Strauss Daly Inc njengoba sengiqoke  abammeli abasha abazongimmela,” kusho iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini encwadini ayibhalele uButhelezi.

Icala lokuphikisa ukubekwa kweSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini lizoqulwa eNkantolo eNkulu yase-North Gauteng izinsuku ezintathu kusukela ngomhlaka-31 kuNhlaba kuze kube mhla zimbili kuNhlangulana.

Esithombeni esingenhla: Isilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu weNdabuko uMntwana uMangosuthu Buthelezi ezikhathini zenjabulo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva