Luyaqhubeka ushikishi lokufuduka kwabadlali

Joyina uRazeen Gutta embikweni wamasonto onke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.

ULyle Foster usezoba umdlali webhola lezinyawo wakuleli obiza kakhulu kunabo bonke abake babakhona njengoba esezosayina kwi-Burnley.

Lo mgadli (22) we-Westerlo kanye neBafana Bafana uzophula irekhodi lemali yokudayiswa komdlali wakuleli elabekwa eminyakeni eyishumi edlule uSteven Pienaar ngesikhathi edayiswa ngo-£3 million (u-R60 million) esuka kwi-Everton eya kwi-Tottenham Hotspur.

Imibiko eminingi eNgilandi iveze ukuthi imali yokuthenga uFoster izoba ngu-£8 million (u-R160 million). Lokhu kwenzeka njengoba i-Burnley yenza konke okusemandleni ukuqinisa isikwati sayo emzamweni  wokuzibekisela indawo kwi-Premier League ngesizini ezayo.

EYurophu

Ngokuhlala eNgilandi nakwi-Premier League, i-Arsenal ezihola phambili ku-log imemezele ukuthi isisayinise abadlali ababili abasha ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

ULeandro Trossard usuke kwi-Brighton ngemali elinganiselwa ku-£20 million (uR400 million) kwathi umdlali wase-Poland (22) uJakub Kiwior wasayina isivumelwano sesikhathi eside ne-Arsenal.

Izimbangi eziseduze kakhulu zikaMikel Arteta, i-Manchester City zimemezele ezazo zokusayinisa umdlali wasesiswini othembisayo uMaximo Perrone ozojoyina leli qembu esuka kwi-Velez Sarsfield.

UPerrone uzojoyina iqembu labaneminyaka engaphansi kwengu-20 ngemuva kokudlala kwi-South American Championship lapho azomela khona i-Argentina.

Ngaphesheya ukusuka kwi-Manchester kuya e-Old Trafford, i-United iphakathi kwamaqembu aqhudelana ngokusayinisa umdlali osemusha wase-France uMalo Gusto.

Umdlali wasemuva uLyon ubekwe kahle kakhulu futhi uma imibiko izokholakala kungase kudingeke ukuthi u-Erik ten Hag alwe ne-Chelsea uma efuna ukusayinisa lo mdlali ngaphambi kokuvalwa kwewindi.

Esinye isivumelwano esenziwe eYurophu ngesikaMemphis Depay osezodlalela i-Atletico Madrid. Lo mdlali owake wadlalela i-Barcelona usayine inkontileka yeminyaka emibili nesigamu kwi-Madrid ngemali elinganiselwa ku-£3 million (u-R60 million).

ENingizimu Afrika

Okunye okubalulekile izindaba zakuleli zokubuya kwe-PSL nomdlali weBafana Bafana uPercy Tau. Lesi sihlabani se-Al Ahly sinezingxoxo neMamelodi Sundowns; futhi nakuba kungekho mabhidi asemthethweni enziwe ngokuqinisekile kuyinto okufanele iqashelwe.

E-Soweto u-Austin Dube weKaizer Chiefs useqalile ukuheha abaningi njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lizovalwa kuleli sonto.

Iqembu lakhe lakudala iRichards Bay FC liphakathi kwamaqembu angase amfune; nakuba engakawudlali umdlalo wokuncintisana kwiChiefs kule sizini, uDube usalelwe unyaka nesigamu kwinkontileka yakhe.

Esithombeni esigenhla: ULyle Foster

Umthombo wesithombe: @footballleaguew

Scrolla World Cup Quiz