Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
- Bangaphezu kuka-1,000 abavukuzi abangekho emthethweni ababoshwe e-Stilfontein njengoba uNgqongqoshe kanye nezikhulu zamaphoyisa zibhekelela isimo sokutakulwa kwabavukuzi.
- Amaphoyisa aseMpumalanga, abulale abavukuzi abathathu abangekho emthethweni ngesikhathi kudutshulanwa, athatha izikhali nezinhlamvu.
Abanye abavukuzi abayisithupha abangekho emthethweni baphumile ezimayini ezingasasetshenziswa zase-Stilfontein esifundazweni sase-North West ngoLwesihlanu.
Amabhungu amathathu ebephakathi kwenqwaba yabavukuzi abangekho emthethweni abaphume emigodini yezimayini engasasetshenziswa nelahliwe e-Stilfontein esifundazweni sase-North West.
Intsha ephume emgodini ngoLwesine ntambama ibiphakathi kwabavukuzi abangu-17 abese bephelelwe amanzi emzimbeni futhi bebukeka belambile.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, iPhini likaNgqongqoshe uPolly Boshielo kanye noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uLieutenant-General Tebello Mosikili bavakashele lesi sifundazwe.
ONgqongqoshe bajoyinwe uKhomishana wesifundazwe sase-North West, uLieutenant-General Sello Kwena, nethimba labatakuli basemayini.
Sekungokwesibili uMchunu ehambela lesi sifundazwe kule nyanga.

Kuze kube manje, bangaphezu kuka-1 000 abavukuzi abangekho emthethweni asebeboshiwe. Abaningi bavele enkantolo ngoLwesine.
Ezinye izigameko ezimbili ezibandakanya ukumba izimayini ngokungemthetho zibikiwe ezindaweni ezahlukene, kusho amaphoyisa.
EMpumalanga kudutshulwe abavukuzi abathathu abangekho emthethweni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa e-Sabie.
Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK-47 athola nezinhlamvu ezingu-500.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Donald Mdhluli uthe isigameko sokudubulana senzeke ngoLwesine ngesikhathi amaphoyisa ezulazula eduze nemayini.
“Abavukuzi abangekho emthethweni badubule bebhekise emaphoyiseni beqhamuka ezindaweni ezahlukene balimaza nowarrant officer emlenzeni,” kusho uMdhluli.
“Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwalimala abathathu okusolwa ukuthi bangabavukuzi abangekho emthethweni.
Kuphenywa icala lokuzama ukubulala, kanti uphiko lwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) nalo luyasicubungula lesi sigameko.
Imibiko engaqinisekisiwe iveze ukuthi idwala eliwile livalele abavukuzi abambalwa e-Krugersdorp, entshonalanga yeGoli.
Izindaba zabavukuzi abangekho emthethweni e-Krugersdorp azizintsha. Lena indawo lapho iqembu lezigelekeqe labavukuzi abangekho emthethweni eladlwengula khona abesifazane abayisishiyagalombili ababeqopha ividiyo yomculo.
NgoLwezi wango-2022, abavukuzi abangekho emthethweni abangu-21 baminza emayini yase-Krugersdorp.
Esithombeni esingenhla: I-crane isiza ukutakula aba emayini yase-Stilfontein.
Umthombo wesithombe: X