Luyaqhubeka udaba lukaDe Jong

Joyina uRazeen Gutta embikweni wamasonto wonke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.

Ukushiya kukaFrenkie de Jong kwi-Barcelona kungase kubuyele esimeni sakuqala ngesikhathi i-Newcastle ifuna izihlabani zase-Afrika nabadlali ababili bakudala beChiefs abazoziqeqesha namanye amaqembu e-PSL. Nakhu okwakamuva.

EYurophu

UDe Jong, okwamanje okweletwa u-£17 million (u-R340 million) i-Barcelona, kubikwa ukuthi akasichithanga isicelo se-Manchester United sokumletha e-Old Trafford.

Ngokusho kwe-GOAL, kunalokho ulinde ukuholelwa i-Barcelona ngaphambi kokungena ezingxoxweni namanye amaqembu.

Esinye isigameko esiqhubekayo ngesomdlali kaBrighton uMarc Cucurella. Umdlali waleli qembu oseqophelweni eliphezulu usebhekwe ngabomvu i-Chelsea ngemuva kokuthi i-Sky Sports sibike ukuthi i-Manchester City inesicelo sika-£30 million (u-R600 million) sokuthi kuchithwe lo mdlali.

Imibiko iphinde ithi i-Chelsea isalokhu inentshisekelo yokuthola lo mdlali ngale kodaba lwakhe oseluqhubeke isikhathi eside manje oluzongena esontweni lokuqala lesizini entsha.

Ngokudlulela kwi-Newcastle United, kubikwa ukuthi ezika-Eddie Howe zigaqele izihlabani zase-Afrika uNicholas Pepe kanye no-Emmanuel Dennis.

Isihlabani se-Arsenal uPepe wehlulekile ukuphumelela ohlangothini lukaMikel Arteta kanti uDennis we-Watford uxhunyaniswe ne-Everton yize inkontileka yakhe kwi-Vicarage Road izophela ngo-2026.

I-Everton nayo inentshisekelo yokubuyisela u-Idrissa Gueye we-PSG kwi-Merseyside. Lo mdlali (32), uzoba umdlali wesine kaFrank Lampard osayinayo uma kwenzeka asayine isivumelwano.

Owayengumdlali wasesiswini we-Liverpool uGeorgino Wijnaldum naye usethubeni lokubolekiswa kwi-AS Roma kaJose Mourinho. Lo mdlali wase-Holland ube nesikhathi esinzima kwi-Ligue 1 ye-PSG kanti kubikwa ukuthi iqembu lase-France lifuna ukuthenga lo mdlali uma kuvunyelwana ngokubolekwa imali.

ENingizimu Afrika

Ezindabeni zakuleli kubikwa ukuthi umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele usejoyine Amazulu ngemuva kokuhlala iminyaka eyisithupha kuleli qembu lase-Soweto.

Ngokombiko we-Far Post, uMphahlele kuzomele azibonakalise kumqeqeshi uBrandon Truter ukuze angene eqenjini ngaphambi kwesizini entsha.

I-Kick Off ibike ukuthi omunye owayedlalela iKaizer Chiefs uLebogang Manyama useqalile ukuzilolonga nelinye iqembu.

Lo mdlali (31), owake waba ngumdlali wasesiswini ovelele kwiChiefs uzophinde ahlangane nowayengumqeqeshi u-Eric Tinker kwiCape Town City ngemuva kokuhamba kwiChiefs.

Izihloko zakamuva