Luyaqhubeka udaba logebhezi olutholakale ehhovisi likakaputeni

Celani Sikhakhane

Izikhulu bezazi ukuthi ugebhezi lwekhanda lomuntu lwalugcinwe ehhovisi lalowo owayengukaputeni wamaphoyisa eNkantolo yeMantshi yase-Dundee – kodwa zayigcina kuyimfihlo isikhathi esingangezinyanga ezimbili kwaze kwaba luyaphuma.

Kuphinde kwavela ukuthi ukaputeni uRoshan Banawo  akazange athathe umhlalaphansi, njengoba kwabikwa ekuqaleni, kodwa waxoshwa ngokushushumbisa izidakamizwa ngonyaka ka-2020.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe abasebenzi abahlanzayo bathole ugebhezi ehhovisi likakaputeni wamaphoyisa uBanawo ngomhlaka-12 kuMasingana kulo nyaka.

“Ugebhezi lwekhanda lomuntu lutholakale ehhovisi lalowo owayeyilungu le-SAPS ngesikhathi kuhlanzwa ihhovisi lilungiselelwe ukungena kwelungu elisha,” uGwala etshela i-Scrolla.Africa ngoLwesine.

Samsung Galaxy 14G

Kodwa-ke, lendaba yalolu gebhezi ivezwe ngemuva kokuthi ibikwe i-Northern Natal ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

“Kuvulwe uphenyo kanti amaphoyisa ayaphenya. Ugebhezi luthunyelwe ePitoli ukuze luyohlolwa ngabenza ucwaningo,” kusho uColonel Gwala.

Ukaputeni uBanawo kubikwa ukuthi wagcina ugebhezi lwekhanda lomuntu njengendebe yempumelelo yakhe ngemuva kokunqoba amacala okubulawa kwabasebenzi abamnyama basemapulazini u-Ernest Mkhize noSipho Mabaso ngoNhlangulana ngonyaka ka-1996.

Bobabili abasebenzi basepulazini babulawa futhi banqunywa amakhanda umphathi wabo, umlimi omhlophe ogama lakhe linguPiet Henning. Umndeni kaHenning wamgcwaba ngemuva kokungalitholi ikhanda lakhe.

UBanawo, owayengumhloli ngaleso sikhathi, wanconywa njengeqhawe ngemuva kokuba uHenning egwetshwe iminyaka engu-30 ejele.

Esinye isikhulu esingathandanga ukudalulwa igama laso sithe: “miningi imibuzo edinga ukuphendulwa iziphathimandla ngoba ukaputeni uBanawo, owayesebenzisa leli hhovisi, waxoshwa ngonyaka ka-2020 ngemuva kokuba eboshelwe ukushushumbisa izidakamizwa.

Umbuzo uthi kungani leli hhovisi lingazange lisetshenziswe kusukela ngonyaka ka-2020 kuze kube nguMasingana?” ikhansela uXolani Msezane wase-Dundee utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akubamangazanga lokhu ngoba uBanawo bekunamahlebezi okuthi udayisela abafana abancane e-Dundee izidakamizwa.

Scrolla World Cup Quiz