Kamogelo Olaitan
Ngesikhathi izwe lakuleli liqala uhlelo lokucishwa kukagesi ngonyaka ka-2014 abantu bahlala ezindaweni ezimnyama ngaphandle kwesixwayiso.
Ugesi ucima noma inini futhi bekuba nzima ukuhlela usuku lwakho ngaphandle kokwazi ukuthi ugesi uzohamba nini.
Yaqala kanjaloke i-EskomSePush edumile okuwuhlelo olutshela abantu ukuthi balindele ukucishwa kukagesi nini.
Yize lolu hlelo lokusebenza lwethulwa ngo-2014, abasunguli abasuka eKapa, uDan Southwood-Wells noHerman Maritz bebengalindele ukuthi luzokhula ngendlela elikhula ngayo kule minyaka eyisishiyagalombili edlule.
Namuhla uhlelo lokusebenza lunabantu ababhalisile abangaphezu kuka-5 million.
Ekhuluma ne-Stuff, uWells uthe baqale ukuzithumelela izaziso ngesikhathi kungena ukucishwa kukagesi.
“Lokhu kusisize ukuth sazi isikhathi okumele sisihlale ehhovisi futhi ngokushesha lwangenelela kubangani nomndeni,” kusho uWells.
UMaritz uthe ilapho abanqume khona ukwakha uhlelo lokusebenza ngempelasonto nangemuva kwamahora.
“Izinhlelo zokucishwa kukagesi kunzima ukuziqonda. Besifuna ukuthi kube lula,” kusho uMaritz.
Uhlelo lokusebenza lukhululekile ukubanalo futhi kulula ukulisebenzisa. Vele ucofoze uMasipala wangakini bese uhlelo lokucisha ugesi luzokutshela ukuthi ukunqanyulwa kukagesi kuzokwenzeka nini. Uhlelo lokusebenza lize likuthumelele nezaziso zokukukhumbuza uma kubuya ukucishwa kukagesi.
“Kube uhambo olujabulisayo kanye nokuwina kwethu mathupha. Siyakhe ngezimpelasonto futhi isiza abantu bakuleli ukuthi bahlele izimpilo zabo mayelana nokucishwa kukagesi nokwenza izinto,” kusho uWells.
Lolu hlelo abaliqale ngokunganaki ilona asebephumelela ngalo.