Lubhalwe nguThabiso Sekhula
UMzansi awukwazi ukuzibamba ngendlela ochazeka ngayo ngoZolile Sekeleni onguyise kaDkt Nandipha Magudumana.
Owesifazane othandana noThabo Bester naye uboshwe e-Tanzania ngemuva kokubaleka eMzansi ephethe omazisibabanye abantu nomazisi mbumbulu, washiya izidumbu ezingaziwa namahlazo.
Leli cala selidonse amehlo abantu abaningi futhi libanikeza into abangakhuluma ngayo nomdlalo ozokwenziwa i-Netflix.”
USekeleni ubebhekene necala lokubulala owesilisa owatholwa esitokisini sikaBester eshile ngobusuku eqa ngabo ejele. Nokho lawo macala asehoxisiwe.
Kodwa njengamanje uSekeleni (65) useziveze njengobaba okhathalele indodakazi yakhe njengoba ebonakale eyiduduza nakuba kungesinye sezimo ezimbi kakhulu kwindodakazi engafaka uyise kuzo.
USekeleni ubonakala izikhathi eziningi kumavidiyo aseNkantolo etshela indodakazi yakhe ukuthi ime nini nakanjani eyibambe ngengalo eyisekela futhi eyibuza kaningi ukuthi iyaphila yini.
Futhi uma kunento eyodwa uMzansi oyithandayo ubaba onothando noma isimo sishube kangakanani.
USekeleni udedelwe ejele ngebheyili ka-R10 000 ngokubandakanyeka ekubalekeni kukaThabo Bester ejele lase-Mangaung ngo-2022.
UBester noMagudumana babizwa ngoBonnie noClyde bezinsuku zokugcina. Bebephila kamnandi ngemuva kokweqa, behamba amaholidi kanokusho, bethenga ezitolo futhi bevula izinkampani zomgunyathi.
Ngenxa yokungacaci kahle ukuthi kwenzekeni abantu bayabuza ukuthi ngabe uDkt Nandi uyisisulu sikaBester, noma uyisigebengu esasazi kahle ukuthi wenzani.
Izithombe zosuku lomshado kadokotela omuhle nomyeni wakhe uMkhuseli Magudumana zigcwele ezinkundleni zokuxhumana.
UDkt Magudumana usasebenzisa isibongo somyeni wakhe uMkhuseli yize ethi uBester wamkhokhela ilobolo.
Lugqame phambi kweningi uthando oluqotho udokotela aluthola kuyise ngesikhathi bevela ndawonye enkantolo. Kubonakala sengathi ubaba uzoyenzela noma yini ingane yakhe futhi usayibona njengentombazane yakhe encane.
Esithombeni esingenhla: UZolile Sekeleni nendodakazi yakhe
Umthombo wesithombe: I-Twitter