Lushukumise abaningi ezinkundleni zokuxhumana usana olusinde e-Turkey 

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bafisa ukukhulisa u-Aya ofike emhlabeni ngesikhathi sokuzamazama komhlaba e-Turkey ngoMsombuluko ekuseni.

U-Aya uzalwe ekuseni ngesikhathi kuzamazama umhlaba okube ngu-7.8 magnitude okubhidlize ikhaya lakhe. Utakulwe kwimfucuza ngoMsombuluko.

U-Aya ngesi-Arabhu kuqonde uphawu oluvela kuNkulunkulu”.

Ingane iyona kuphela esindile emndenini njengoba bobabili abazali bayo nezingane zakubo ezine beshone ngesikhathi kuzamazama umhlaba.

Kusabalale ividiyo ku-Twitter, ekhombisa owesilisa ephuma kwimfucuza nengane egcwele uthuli futhi inkaba isanamathele esiswini.

U-Aya uthole ukunakwa okuningi ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu abaningi beveze elokuthi bafisa ukumkhulisa.

“Ngifuna ukukhulisa u-Aya. Ngizomnika ikhaya elinothando kanti uzoba nogogo nomkhulu kanye nabazala asebekhulile. Umndeni wami uzobe usuphelele ngaye,” kubhala omunye osebenzisa u-Twitter.

“Ngikude kakhulu, kodwa ngingathanda ukumkhulisa futhi ngingaqinisekisa ukuthi uthola impilo ejabulisayo nenokuthula,” kubhala omunye ku-Twitter.

U-Aya unakekelwa esibhedlela esiseduze umphathi uKhalid Attiah nonkosikazi wakhe, kubika i-BBC.

Unkosikazi kaKhalid, onengane enezinyanga ezine ubudala uncelisa u-Aya.

Kuze kufike umndeni wakhe okude ngizomphatha njengengane yami,” kusho uKhalid.

Uphinde wengeza ngokuthi akafisi u-Aya athathwe abanye abantu. 

Umalume ka-Aya, uSalah al-Badran uthe uzomthatha uma esephumile esibhedlela.

Udokotela wezingane uHani Maarouf uthe u-Aya ufike esibhedlela esesimweni esibucayi njengoba izinga lokushisa lomzimba wakhe lehlile.

“Ukube kuphele elinye ihora engatholakalanga ubezoshona,,” kusho uMaarouf etshela i-AP.

UMaarouf wengeze ngokuthi u-Aya usesimweni esingcono.

Inani lokushona kwabantu ngenxa yokuzamazama komhlaba okuhlasele i-Syria ne-Turkey selidlule ku-22,000 kusukela ngoLwesihlanu mhla ziyishumi kuNhlolanja.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Usana u-Aya esibhedlela

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva